Amaqembu amathathu ahamba phambili azodlala kulempelasonto

Menzi Magubane

Bonke abashisekeli bebhola bakulindele ngokulangazelela ukubuya kwe-DStv Premiership 2021/22 – ikakhulukazi labo abeseka i-Kaizer Chiefs, i-Orlando Pirates ne-Mamelodi Sundowns; amaqembu abizwa nge-“Big Three” ebholeni laseNingizimu Afrika.

Abalandeli sebeqalile ukucasulana, babikezela ngokuthi yiliphi iqembu elingase lihambe nezindebe eziningi.

Umdlalo wokuqala we-Premiership uzoqala ngoLwesihlanu oluzayo, lapho ompetha i-Sundowns bezodlala khona naMaZulu, aqede endaweni yesibili.

Kodwa-ke, abalandeli ngeke balinde isonto ukuze babone amaqembu abo edlala.

Isizini entsha iqala ngoMgqibelo ngowandulela owamanqamu we-MTN8. Ompetha i-Pirates izoqala phansi ukuvikela isicoco sayo bedlala ne-Swallows emdlalweni wokuqala we-Soweto derby enkundleni yezemidlalo i-Orlando ngehora lesithupha ntambama.

Amehlo onke nokho azobe ethe njo emdlalweni wangeSonto. I-Sundowns izodlala ne-Kaizer Chiefs emdlalweni wamagqubu, njengoba i-Chiefs yaphuma phambili ngesikhathi la maqembu egcina ukuhlangana ngoNdasa.

Lokho kwaba ukwehlulwa kwe-Downs kuyo yonke imidlalo. Womabili la maqembu asayinise abadlali abasha kuleli windi lokushintshana kanti Amakhosi asevele abakhombisile abanye babo ngesikhathi enqoba i-Pirates ngesonto eledlule ku-Carling Black Label Cup.

Osayiniswe kwi-Chiefs nguKeagan Dolly, oke wadlala kwi-Downs. Lo mdlali wasesiswini kungenzeka aphuthelwe ukuhlangana nabadlali beqembu ayedlala kulo kudala ngeSonto enkundleni yezemidlalo i-Lucas Moripe (ngo-3pm) ngenxa yokukhathazeka ngokuqina komdlalo wakhe.

Umqeqeshi we-Chiefs, uStuart Bexter uzofaka ingcindezi ku-Sundowns ngemuva kokuthi iqembu lakhe lisayinise abadlali ababhekwe kakhulu okunguThabiso Kutumela, uDevine Lunga, uPavol Safranko, uGrant Kekana kanye noNeo Maema.

“Uma usayinisa abadlali abaningi njengoba benzile, uyayinyusa ingcindezi. Ibha ibekwe phezulu ngakho-ke bazoba yizintandokazi. Kusele kithina sonke ukuthi siqinisekise ukuthi sibashaya phezulu,” kusho uBaxter NgoLwesithathu.

Eminye imidlalo ye-MTN8:

NgoMgqibelo

I-Arrows izodlala ne-SuperSport (e-Princess Magogo, ngehora lesithathu ntambama)

NgeSonto

AmaZulu azodlala ne-Cape Town City (e-Moses Mabhida, ngehora lesithupha ntambama).

Umthombo wesithombe: @kaizerchiefs

Izihloko zakamuva