Menzi Magubane
Ngemuva komhlangano nosihlalo weqembu le-Orlando Pirates, uDkt Irvin Khoza, umqeqeshi omkhulu waleli qembu, uJosef Zinnbauer, usesulile esikhundleni sakhe.
UZinnbauer uchithe amasizini amabili nohhafu kumaBhakabhaka. Ukwesula kwakhe kuza ngemuva kokuthi iqembu likhishwe ku-MTN8 yi-Swallows ngoMgqibelo ebusuku enkundleni yezemidlalo i-Orlando – indebe enqotshwe yi-Bucs ngesizini edlule.
Esitatimendeni esikhishwe yiqembu, uZinnbauer ubonge usihlalo nabaphathi.
“Ngeshwa, isikhathi sami kwikilabhu sesifike ekugcineni. Ngisijabulele isikhathi sami lapha futhi ngidlulisa ukubonga kwami okusuka enhliziyweni kubalandeli,” kufundeka lesi sitatimende.
“Ngichithe iminyaka emibili edlule ngikude nomndeni wami futhi ngenxa yalesi sizathu nginqume ukuhambisa incwadi yami yokusula”.
Ushiya ikilabhu linerekhodi elihle lokunqoba amahlandla angama-35, ukudlala ngokulingana okungama-20 nokuhlulwa okuyi-13 emidlalweni yakhe engama-68 ayiqeqeshile. Kubukeka sengathi abasizi bakhe uMandla Ncikazi noFadlu Davids bazothatha izintambo njengabaqaphi kuze kube iqembu lithola umphathi omusha.
UNcikazi noDavids kungenzeka babe sebhentshini uma i-Pirates iqala umkhankaso wayo we-DStv Premiership yowezi-2021/22 ngoMgqibelo, lapho izokwamukela khona i-Stellenbosch enkundleni yezemidlalo i-Orlando ngehora lesithathu ntambama.
Ukuhamba kukaZinnbauer ngeke kumangaze kwabathembekile bekilabhu. Bebelokhu bethi abaphathi beqembu bamxoshe uZinnbauer ngemuva kokuthola imiphumela emibi ngesizini edlule.
Abaningi bebengeneme ngesitayela sebhola ebelidlalwa yiqembu, ngenkathi abanye bebengeneme ngendlela abadlali abasetshenziswe ngayo enkundleni. Babenomuzwa wokuthi akasebenzisi abadlali ezikhundleni zabo ezifanele ezisebenza kahle kakhulu, okuholele ekutheni iqembu lilahlekelwe yimidlalo eminingi kakhulu obekulindeleke ukuthi iyiwine.
Umthombo wesithombe: @orlandopirates