Dylan Bettencourt
Umqeqeshi omkhulu we-Tonga, uToutai Kefu, usasesimeni esibucayi ngemuva kokugwazwa ngesikhathi kubanjwa inkunzi ekhaya lakhe.
Lo mdlali owake wawina iNdebe Yomhlaba Yombhoxo yase-Australia uphuthunyiswe esibhedlela ekuseni ngovivi ngoMsombuluko kulandela ukugqekezwa emzini wakhe.
Abantu abaningana kusolwa ukuthi bagqekeze ikhaya lomndeni lomdlali oneminyaka engama-47 ubudala. UKefu uthole inxeba lokugwazwa esiswini, kwathi unkosikazi wakhe naye walimala kanzima.
UKefu uhlinzwe ngokuphuthumayo, kanti kulindeleke ukuthi asinde.
Umphenyi uSuperintendent Tony Fleming uthe: “Isimo sakhe sokuqala sichazwe njengesibucayi kodwa [kulindeleke] ukuthi asinde. Unkosikazi wakhe ugwazwe kabi kakhulu engalweni futhi ngitshelwa ukuthi amanxeba akhe mabi kakhulu”.
Amaphoyisa ase-Australia akuqinisekisile ukuthi kuboshwe abantu abasha ababili, kanti omunye umsolwa usagcwele amathafa. Bakholelwa ukuthi lesi sehlakalo kubukeka sengathi bekuwukubanjwa kwenkunzi okungahambanga kahle.
UKefu, onamandla owayengunombolo yesishiyagalombili ku-Wallabies, wadlala imidlalo engama-60 kuleli qembu futhi wanqoba iNdebe Yomhlaba Yombhoxo ngowe-1999. Wadlala ebhekene neNingizimu Afrika ngowe-1997, kwaba ukunqoba kwamaBhokobhoko ePitoli ngo-61-22.
Ngemuva kokuthatha umhlalaphansi ngowezi-2010, uKefu waqokwa njengomqeqeshi omkhulu we-Tonga ngowezi-2016 futhi wakwazi ukuhola iqembu lakhe kwiNdebe yoMhlaba yowezi-2019, lapho bakhishwa khona esigabeni samaqoqo.
Iphuzu eliphakeme ngasohlangothini lwe-Tonga kwaba ukunqoba bedlala ne-United States ngo-31-19.
Izinkundla zokuxhumana zigcwele ukuxhasa lowo owayeyisihlabani sebhola lombhoxo, ne-akhawunti esemthethweni yombhoxo yase-Australia ibhale ku-twitter ithi: “Nithole le ndoda enkulu kangaka !! Lonke uthando nemicabango yethu ikuwe nakuwo wonke umndeni wakwaKefu! ”
Iqembu lombhoxo lase-New Zealand nalo libhale ku-Twitter ukuthi: “Imicabango yethu ikuToutai Kefu nomndeni wakhe ngalesi sikhathi. Iqhawe enkundleni futhi elihola phambili enkundleni, sidonsela wena!”
Umthombo wesithombe: @TheGuardian