Dylan Bettencourt
Iqembu le-Major League Soccer (i-MLS) i-Vancouver Whitecaps ikuqinisekisile ukuthi abadlali bayo abathathu bahlaselwe embuthanweni ongaphandle ngokobuhlanga.
Iqembu lase-Canada lithe omunye wabadlali uphuthunyiswe esibhedlela wadinga ukuhlinzwa kwathi ngokuhamba kwesikhathi kwavela ukuthi lokhu bekungukulimala okungasongeli impilo.
Kuze kube manje kusaboshwe umsolwa oyedwa. Abakwa-Burnaby Royal Canadian Mounted Police (i-RCMP) bayaphenya ngalesi sigameko.
Iqembu likhiphe isitatimende kulandela lesi sigameko: “Siphatheke kabi futhi ziyasicasula lezi zinsolo futhi sizigxeka kakhulu zonke izinhlobo zobandlululo, nenzondo. Ukuziphatha okunjalo okucasulayo akunandawo emphakathini wethu”.
Iqembu liqhubeke lathi lizokwenza konke okusemandleni alo ukuxhasa abadlali babo nokuqinisekisa ukuthi abenzi bokubi bayajeziswa.
I-Vancouver Whitecaps idlale ngokulingana ngo 0-0 ngoMgqibelo ibhekene ne-San Jose futhi njengamanje ihlezi endaweni ye-12 engqungqutheleni yasentshonalanga ye-MLS.
Umthombo wesithombe: @SkySports