Dylan Bettencourt
Umsubathi wase-Georgia okhubazekile usolwa ngokuhlasela unogada wasehhotela ngemuva kokuba osebenza ehhotela ebacele ukuba behlise umsindo ngenkathi benza umcimbi wokuzijabulisa egumbini lakhe e-Tokyo.
Umsubathi osazoncintisana kumncintiswano we-Judo, ugonqile ehhotela ngemuva kokuba atholwe ukuthi une-Covid-19.
Utholakale ukuthi une-Covi-19 ngemuva kokuba abanye abasubathi beveze ukuthi bachithe ubusuku egumbini lakhe bephuza bezijabulisa ngoLwesine.
Sekubikwe ukuthi ngesikhathi bezijabulisa laba abaqhamuka e-Europe babange umsindo omkhulu kwase kwafika unogada wasehhotela wabacela ukuthi behlise umsindo.
Lo nogada oneminyaka engama-60 uphushwe ngumsubathi phansi okhubazekile waphuka ubambo ezimbanjweni kusho i-Japan Time.
Iphephandaba liphinde laveza ukuthi unogada uvule icala elivulela lo msubathi emaphoyiseni ase-Tokyo. Lo msubathi elingadalulwanga igama lakhe ukhishiwe kulo mcimbi ngemuva kokuphusha unogada.
Akukhona okokuqala abasubathi base-Georgia betholakala ezintweni ezingekho zinhle phambi komthetho esikhathini sonyaka. Ngesikhathi sama-olimpiki u-Vazha Margvelashvili beno-Lasha Shavdatuashvili baphindiswa emakhaya ngokwenza amacala nanokushiya lapho kuzobanjelwa khona ama-olimpiki bayobuka izindawo.
Abaphathi base-Georgia baveza ukuthi abasubathi babengazi ukuthu ukushiya indawo kwakungavumelekile, kodwa abasubathi bakhishwa kwimidlalo.
Umthombo wesithombe: @IndianExpress