Umshayi wesibhakela ushiye umdlalo obusulungiselelwe wayongenela umcintiswano e-Russia

Linda Ximba

I-Boxing yaseNingizimu Afrika isale ishaqekile ngengathi umpetha we-WBA pan African bantamweight uSabelo Ngebiyane eshiya umdlalo obusulungiselelwe ngesonto eledlule waya kumncintiswano wase-Russia wesibhakela.

Ngokusho kuka-Boxrec okuyena ogcina ama-profile nezibalo zabashayi besibhakela kumhlaba wonke uthe uNgebiyane ungenele umcintiswane elwa no-Narek Abgaryan esikoleni sase-RCC e-Ekaterinburg endaweni yase-Russia mhla ziyi-8 kuNcwaba.

Akazange nje ahluleke ukuthola imvume kuphela lo mdlali wesibhakela wase-Cape Town oqhamuka eNingizimu Afrika, kodwa ushiye umdlalo obusulungiselelwe.

UNgebiyane uvume isivumelwano sase-Russia ngemuva kokuba sekuqinisekisiwe ukuthi uzolwa no-Gideon Buthelezi belwela indondo ye-IBO junior bantamweight.

UNgebiyane utshele i-Scrolla.Africa ukuthi uye ukuyolwa e-Russia waphinde wathi usalinde ukuzwa isinqumo esivela kwi-Boxing yaseNingizimu Afrika.

Ngenkathi ebuzwa ukuthi uyazi yini ukuthi angase athole ukujeziswa uma etholakala enecala, uNgebiyane uthe ngizokubona lokho uma sengifika khona ngoba nginezizathu zami ezenze ngiwamukele lo mdlalo.

Ophethe imidlalo yamanqindi yaseNingizimu Afrika u-Cindy Nkomo uveze ukuthi babhalele uNgebiyane nomqeqeshi wakhe ukuba babanike izimpendulo zokuthi banikwe ubani imvume yokuya phesheya kwezilwandle.

Okubhalwe uNkomo ephendula:

“Umthetho ucacile. Umdlali wesibhakela uma efuna ukuyolwa ngaphandle kumele athole igunya nokuvunyelwe yithi. Sizobhalela abaphathi base-Russia sifuna izimpendulo zokuthi babavumele kanjani abadlali besibhakela ukuba bangenele lo mcintiswano ngaphandle kokuphatha izincwadi ezisemthethweni.’’

Incwadi kaNkomo iqhubekele phambili yayiswa kwabaphethe umthetho wombuso uNgebiyane wazithola enze okuphambene nomthetho:

“Umthetho wemidlalo yamanqindi yaseNingizimu Afrika Act No11 of 2001 uthi uma umdlali wesibhakela efisa ukuyolwa phesheya kwezilwandle eziyela yena noma eyiswa umphathi wakhe kumele acele ku-Boxing yaseNingizimu Afrika ezinsukwini ezingama-21 ngaphambi kokuba acabange ukuhamba lapha eNingizimu Afrika kumele kuvunywe abaphathi ukuze ahambe.’’

Izihloko zakamuva