Iphupho lakhe lokuba umuntu wokuqala wesifazane oqhamuka e-Afghan ukungenela imincintiswane yabantu abakhubazekile angeke lisaphumelela

Dylan Bettencourt

U-Zakia Khudadadi ubezoba ngumuntu wokuqala wesifazane oqhamuka e-Afghanistan ukungenela umcintiswano wabantu abakhubazekile, kodwa angeke lisafezeka lelo phupho njengoba izwe lakhe linezinkinga.

Ngemuva kokuba i-Taliban ifuna ukuphatha i-Kabul, abahlali base-Afganistan abayizinkulungwane bagijime baya kwisikhumulo sezindiza benethemba lokushiya idolobha labo. 

U-Khudadadi nomunye umsubathi u-Hossain Rasouli kade befuna ukushiya idolobha ngesinye isizathu, ukuze bangenele umncintiswano wabantu abakhubazekile e-Tokyo.

Izifiso zabo zokungenela umncintiswano sezishabalele ngemuva kokuba bangakwazi ukuthola indiza ezobafikisa ngesikhathi e-Japan.

Ophethe imidlalo u-Arian Sadiqi uthe labasubathi bobabili bebelindeleke ukuba bafike e-Toyko ngoLwesibili.

Ngeshwa abakwazanga ukusuka e-Kabul nokuthola indiza ezobafikisa ngesikhathi ngenxa yezinkinga ababhekene nazo e-Afghanistan etshela u-Reuters.

USadiqi uthe abasubathi bobabili bebejabule ukungenela umcintiswano e-Tokyo futhi basebenze kanzima ukulungiselela imidlalo.

Ubezoba ngowokuqala wesifazane ophuma e-Afghan Taekwondo ukungenela kule midlalo. Lokhu bekuzoba umlando. Ubekujabulele ukungenela lo mncintiswano. UZakia ubezoba isibonelo esihle kumantombazane asakhula ezweni lakubo kusho u-Afghan chef de mission.

Uthe abantu besifazane abaphethwe ngomthetho wase-Taliban angeke bakwazi ukungenela imincintiswano ezokwenziwa.

Ngenkathi kuphethe iqembu le-Taliban ngowezi-1996-2001 e-Afghanistan abantu besifazane babhekana nemithetho eqinile ecindezela amalungelo nenkululeko yabo.

Babengakwazi ukungenela imincintiswano, babe yidlanzana abakwazi ukuthola imfundo okunye bebengakwazi ukufinyelela kukho.

Njengoba i-Taliban isiphinde yaphatha futhi kulelisonto, impumelelo yeminyaka isengcupheni yokushabalala.

Ngesikhathi bephila ngomthetho we-Taliban abantu bebengakwazi ukungenela imincintiswano, bebengakwazi ukubamba iqhaza ikakhulukazi abantu besifazane ngokwami lokhu kungiphula inhliziyo kusho uSadiqi. 

Umthombo wesithombe: @Paralympics

Izihloko zakamuva