Kabelo Tlhabanelo
Abadlali be-Bloemfontein Celtic batshelwe usihlalo wabo ukuba baqoqe izimpahla zabo balibangise KwaZulu-Natali ngoba isifundazwe sase-Free State asisenalo iqembu kwi-Premier Soccer League(PSL).
I-PSL ikuqinisekisile ngoLwesibili ukuthi ikuvumile ukudayiswa kweqembu le-Bloemfotein Celtic lidayiselwa usomabhizinisi waseThekwini ophethe i-Royal AM u-Shauwn Mkhize.
UMkhize umemezele ukuthi iqembu uzolithatha aliyise eThekwini aliqambe kabusha igama elithi-Royal.
UBotha Msila oqhamuka e-Kagisanong endaweni yase-Mangaung ungumlandeli weSiwelele owaphinde wavela ezindabeni ngowezi-2019 ngenkathi ehamba ecela ukugitsheliswa mahhala esuka eNingizimu Afrika eya emidlalweni yase-Egypt ngesikhathi se-AFCON Cup.
“Ngangithathwa njengomkhangisi ongumahamba nendlwana owayegqoke izimpahla ze-Bloem Celtic futhi ngakhulisa uphawu leqembu,” kusho uMsila etshela i-Scrolla.Africa.
Ngesikhathi ekwingxoxo ne-Scrolla.Africa ekhaya omakhelwane bebekhona bemduduza bethi izinyembezi ezesikhashana zizosuleka maduzane.
UMsila utshele i-Scrolla.Africa ukuthi selokhu aqala ukuba umlandeli we-Bloemfontein Celtic eneminyaka eyi-10. Ngesikhathi eseneminyaka eyi-17 iqembu lalisesigabeni sokuqala kwavele kwanda uthando nemunjunju ngeqembu eligqoka okuluhlaza nokumhlophe.
UMsila uthe uzoqhubeka alithande iqembu le-Bloemfontein Celtic uyakholelwa ukuthi lizobuya futhi.
UMamello Makha osehlala e-Gauteng uthi selokhu alithanda iqembu ngenkathi esabuka umawakhe edayisa ukudla enkundleni yokudlalela wayesaneminyaka eyi-7 ngalesosikhathi.
Sengifake isikhathi sami sonke kuleli qembu. Ngiphoxekile futhi ngiphatheke kabi ukubona ifa liphela ngenxa yemali. U-Max uthembisile ukuthi angeke iqembu lishiye e-Free state kodwa ubeqamba amanga.
Uthe eminyakeni emine edlule kuke kwaba namahlebezi okuthi iqembu lingase lidayiswe kodwa akakaze azitshele ukuthi lizohamba esifundazweni.
Omunye umlandeli obizwa ngoBarcelona Sis Betina waLesele owayedume ngokugqoka izingubo zabantu besifazane enkundleni uthe ubesethatha iqembu njengonkosikazi wakhe wesibili.
Kubuhlungu ukubona umfaniswano wami endlini. Bese ngihlele ukuwulungisa kabusha ukuze ngizowugqoka uma sesivumeliwe ukubuyela ezinkundleni zemidlalo.
Umthombo wesithombe: @SportzPics