Author: N5

Inethemba lesiqalo esisha iKaizer Chiefs eke yabhekana nekusasa elimfiliba

IKaizer Chiefs, ngaphansi komqeqeshi uNasreddine Nabi, iqala isizini entsha yePSL ibhekene neMarumo Gallants, inethemba lokuthi izoqala kahle ngemuva kweminyaka eyisishiyagalolunye ingayitholi indebe.

UNgqongqoshe ukhwele wadilika kwababiza uMntwana uSimakade ngeSilo sikaZulu

UNgqongqoshe wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko KwaZulu-Natal ukhwele wadilika kulabo ababiza uMntwana uSimakade kaZwelithini ngeSilo, wathi baxova uZulu ngoba iNgonyama uMisuzulu kaZwelithini kuphela.

IMeya yaseNelson Mandela Bay yenqabile ukushiya esikhundleni

I-ANC kuzomele ihambise isiphakamiso sokungabethembi ubuholi emkhandlwini uma uGary van Niekerk engashenxi esikhundleni.

Umndeni ukhathazekile ngesidumbu sendodana yawo

Umndeni wesaba ukuthi isidumbu sothandiweyo wawo kungenzeka ukuthi silahlekile noma singcwatshwe kwenye indawo.

Kushaqwe i-Perlemoen ebishushumbisiwe ebiza izigidi

Amaphoyisa esebenzisa inja ashaqe i-perlemoen, edume ngele-abalone, engekho emthethweni ngesikhathi esesha amaloli amabili ngokwehlukana.

Bathutheleke ngobuningi abantu e-Kruger National Park njengoba kungenwa mahhala

Izinkulungwane zezivakashi zithutheleke e-Kruger National Park ngeviki le-Mahala, okungenwa ngalo mahhala epaki.

Izinkampani nezikhulu zaseDUT zisolwa ngokulahleka kwezigidi

Umbiko wezobunhloli uncoma ukuthi kuthathelwe izinyathelo izinkampani nezikhulu ezidle iDurban University of Technology (DUT) imali engaphezu kuka-R183-million kwezinye izindleko zokwakha.

Ukubambezeleka kwesinqumo senkantolo kushiya izingane zesikole zisele dengwane

Izinhlangano ezilwela amalungelo abantu zithi bangaphezu kuka-50 000 abafundi abathintekayo, futhi banethemba lokuthi inkantolo izovuna izingane.

I-IFP ithi lizogaya ngomunye umhlathi manje kwabebedla amathenda kaHulumeni bodwa 

Inkatha Freedom Party (IFP) eSishayamthetho saKwaZulu-Natal ithi ukuqina kwemithetho yokuthola amathenda kuzoqeda labo abebedla bodwa yonke le minyaka ngoba benolayini bangaphakathi.

I-DA isabisa ngokuhoxa kwi-GNU uma uRamaphosa esayina umthethosivivinywa wezemfundo

I-DA ithi isimo soMthethosivivinywa ngenqubomgomo yolimi siphambene noMthethosisekelo.

IPirates iphonsela inselelo ukukhonya kweSundowns kwiBafana

Ezemidlalo: UMichael Madyira uthi abadlali be-Orlando Pirates sebeqala ukufaka inselelo ukuzenzela nje kwabadlali beMamelodi Sundowns eqenjini lesizwe.

Amaqhawe eqembu lakuleli lama-Paralympic azohlomula u-R1.1-million

Abasubathi abakhubazekile bazothola imihlomulo yemali efanayo nozakwabo abangakhubazekile.

Recent articles

spot_img