Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
INkantolo eNkulu yase-Makhanda e-Eastern Cape ibambezele isinqumo ecaleni elibhekene noMnyango wezokuThutha nowezeMfundo esifundazweni.
Icala lifakwe yinhlangano elwela amalungelo abantu iKhula Development kanye nezigungu ezilawula izikole ezintathu okuyi-Mneketshe Junior Secondary, i-SeaView Senior Secondary, ne-Toyise Senior Secondary.
Bazama ukuphoqa iminyango ukuthi ihlinzeke ngezokuthutha izinkulungwane zabafundi abangakwazi ukuya esikoleni ngenxa yokwehliswa kwesabelomali.
I-Legal Resource Centre (LRC), emele izikole neKhula Development, itshele inkantolo ukuthi bangaphezu kuka-50 000 abafundi esifundazweni abadonsa kanzima ngezinkinga zokuthutha.
UCameron McConnachie, inhloko yohlelo lwezemfundo lwe-LRC, uthe iminyango ayikwazi ukuqhubeka nokusebenzisa izaba zokuthi ayinayo imali eyanele.
“Akufanele izingane zilinde ngenkathi umnyango uzama ukulungisa umgomo wawo,” kusho uMcConnachie.
Uthe inkinga enkulu wukuhluleka ukusebenzisa lo mgomo.
Selokhu kuqale unyaka wesikole, abafundi abaningi kuye kwadingeka bashiye imindeni yabo ukuze basondelane nesikole noma bakhokhele izinto zokuhamba ezimba eqolo.
Abanye abafundi abanayo enye indlela ngaphandle kokuhlala ekhaya baphuthelwe isikhathi esibalulekile sesikole, abanye baze bashiye phansi.
Ngesikhathi sokuqulwa kwamacala enkantolo, abameli be-LRC babelane ngezindaba zabafundi njengalowo ovuka ngo-3 ekuseni nsuku zonke aphume ekhaya ngo-4 ekuseni ukuze afike esikoleni ngo-6 ekuseni.
Esithombeni esingenhla: Inkantolo eNkulu yase-Makhanda.
Umthombo: ActionSA/Facebook
