Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Inkatha Freedom Party (IFP) eSishayamthetho saKwaZulu-Natal ithi ukuqina kwemithetho yokuthola amathenda kuzoqeda labo abebedla bodwa yonke le minyaka ngoba benolayini bangaphakathi.
Lokhu kushiwo uMnuz Blessed Gwala ngemuva kokuthi uNgqongqoshe wezeMisebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda uMnuz Martin Meyer edalule ukuthi uhlelo lokuthola amathenda seluzobekwa obala ukuze kucace ukuthi oyitholile uyithole kanjani futhi abanye bahlulwe yini.
“UMeyer wenza lokhu ebesikufuna yonke le minyaka siyi-IFP kokuba amathenda akhishwe ngendlela ezobasobala ukuze kugwemeke le nto yokuthi kudle abantu ababodwa. Uyabona nje ngokohlelo lwe-BEE kufanele engabe baningi abantu abahlomulile ngamathenda kuHulumeni kule minyaka.
“Nokho akwenzekanga kodwa kunalokho kube nedlanzana eliphenduke osozigidi, lwamila imihlwehlwe namalunda acwebezela ngoba kudla lona lodwa. Ngakho sithi manje kuzophenyeka ibheshu kuthole wonke umuntu,” kusho uGwala.
Uthe kufuneka nezinkampani ezitholwa zinenkohlakalo ekukhishweni kwamathenda zivalwe ekwenzeni imisebenzi noHulumeni.
Muva nje uNgqongqoshe uMeyer umemezele ukuthi bazokwethula uhlelo oluzosiza ekutheni ukukhishwa nokukhangiswa kwethenda kube sobala kusuka zibekwa nje.
Uthe kuzoba nezobuchwepheshe ezizokwenza ukuthi kuqoshwe bonke ubufakazi ngethenda kuze kufike lapho kuqokwa khona inkampani ethole umsebenzi.
UMeyer uthe lokhu kuzokwenzeka ngokuthi umphakathi ubenalo lonke ulwazi lohlelo lwethenda oluzoqoshwa ngamavidiyo.
Ukusho lokhu nje iKZN idumile ngokuthi kuneMinyango kaHulumeni nomasipala okudla khona izinkampani zabathile nemindeni yabo kuphela.
