Inethemba lesiqalo esisha iKaizer Chiefs eke yabhekana nekusasa elimfiliba

Lubhalwe nguMichael Madyira

Isizini entsha yePSL izoqala ngoMgqibelo, lapho iKaizer Chiefs izobhekana neMarumo Gallants. 

Amehlo azobe ethe njo kulezi zinkunzi zaseSoweto eToyota Stadium, eBloemfontein. Sekuphele iminyaka eyisishiyagalolunye bengenayo indebe.

Abalandeli bamagange ukubona ukuthi iKaizer Chiefs isithuthuke kangakanani, kanti ukuqala kahle kwesizini kungabaluleka eqenjini lomqeqeshi uNasreddine Nabi. 

Umdlali wasemuva weChiefs uGiven Msimango ukhulume ngokubaluleka kwesiqalo esiqinile.

“Lapha kuChiefs kubalulekile ukuthi siqale kahle. Lokhu kuzokwenza sibe nomfutho emidlalweni esele,” usho kanje.

UNabi kulindeleke ukuthi aqale ngabadlali abasayinisile basemuva abafana no-Inacio Miguel, uBradley Cross, uRushwin Dortley nabadlali basesiswini uGaston Sirino noNjabulo Blom.

Izimbangi zabo, iMarumo Gallants, isanda kuthenga iMoroka Swallows kwiPSL futhi baqinise isikwati sabo ngabadlali bakudala beChiefs uPhathutshedzo Nange noKamohelo Mahlatsi, kanye nesihlabani sakudala se-Orlando Pirates uXola Mlambo.

Khonamanjalo, iRoyal AM izozama ukunqoba ukuvinjelwa ukudayiswa kwabadlali yiFifa uma isibhekana neCape Town City eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu. 

IPolokwane City ihlose ukuqeda iyiqembu lesishiyagalombili kwaphezulu njengoba izobhekana naMaZulu e-Old Peter Mokaba Stadium, ePolokwane.

NgeSonto iRichards Bay, evike kabuhlungu izembe ngesizini edlule, izokwamukela iTS Galaxy eKing Goodwill Zwelithini Stadium, eMlazi.

I-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns bazogxila ku-CAF Champions League, baphuthelwe yimpelasonto yokuvula ekhaya.

Esithombeni esingenhla: Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uNassreddine Nabi, ekhuluma nabadlali bakhe beziqeqesha.

Umthombo: Kaizer Chiefs

Izihloko zakamuva