Amaqhawe eqembu lakuleli lama-Paralympic azohlomula u-R1.1-million

Lubhalwe nguRazeen Gutta

Ngemuva kokuwina izindondo ezimbili emidlalweni yase-Paris, uMpumelelo Mhlongo nguyena ozothola imali enkulu kuma-Paralympics aseNingizimu Afrika. 

Ngaphambi kwemidlalo, i-South African Sports Confederation and Olympic Committee imemezele ukuthi abasubathi abakhubazekile bazothola imihlomulo efanayo neyalabo abathole izindondo kuma-Olympics.

Ukuphothulwa kombukiso womdlalo wangeSonto iNingizimu Afrika ibuye nezindondo eziyisithupha.

Abathole izindondo zegolide kuma-Paralympic bazogoduka no-R400 000 emunye, kuthi abaqeqeshi babo bathole u-R100 000. Abathole izindondo zesiliva bazothola u-R200 000 bese u-R50 000 uye kubaqeqeshi babo, kuthi abathole eyethusi bathole u-R75 000 bese abaqeqeshi babo bathole u-R25 000.

Igolide elitholwe uMhlongo ku-T44 100m kanye neyethusi ku-T64 200m kusho ukuthi uzohlomula u-R475,000 ngokudlala kwakhe – okumenza abe umhlomuli omkhulu eNingizimu Afrika.

USimone Kruger, (19) uzohlomula u-R400,000 ngokuwina indondo yegolide emidlalweni yakhe yokuqala yama-Paralympic. Uphume phambili ngesikhathi ejikijela irekhodi le-T38 ngebanga lamamitha angu-38.70 ku-discus yabesifazane i-F38.

Abathole izindondo zethusi uDonald Ramphadi kanye noLucas Sithole baba ngabantu bokuqala baseNingizimu Afrika ukunqoba ku-wheelchair tennis, kanti bazothola u-R75,000 ngamunye ngemizamo yabo.

Osesithombeni ngenhla: UMpumelelo Mhlongo.

Umthombo: @africafactszone

Izihloko zakamuva