Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Amaphoyisa abophe abantu ababili ku-N1 ngase-Worcester ngokushushumbisa i-perlemoen engabiza u-R2-million.
Okhulumela amaphoyisa ase-Western Cape, uKaputeni uFrederick van Wyk, uthe ukuboshwa kwabasolwa kwenzeke ezigamekweni ezimbili ezehlukene ngaphambi kokuthi i-perlemoen ifike lapho belibangise khona.
Ecaleni lokuqala, owesilisa oneminyaka engu-39 ubudala uboshwe ngomhlaka-10 kuMandulo ngesikhathi kuqhubeka umkhankaso ohlanganisa amathimba amaningana.
Amaphoyisa asukumele phezulu ethola ngolwazi lweloli ebelithutha i-perlemoen lisuka eKapa enza isivimbamgwaqo ku-N1 ngase-Meirings Park, e-Worcester.
Ngesikhathi iloli limiswa, u-K9 Layla, inja yamaphoyisa, ishaqe i-perlemoen ngaphakathi kweloli.
Ukusesha kuphinde kwaholela ekushaqeni izikhwama ezengeziwe ebezifihlwe elolini. Kushaqwe ama-perlemoen omisiwe angu-4,582, abiza u-R2-million.
Kamuva ngalolo suku, ulwazi mayelana nelinye iloli elithwele i-perlemoen liholele ekuboshweni kowesilisa oneminyaka engu-41 ubudala.
Uphiko olulwa namaqembu ezigelekeqe e-Worcester SAPS lumise iloli lathola ama-perlemoen omisiwe angu-960, abiza cishe u-R468,000, ngaphakathi kweloli.
UKhomishana wamaphoyisa esifundazweni sase-Western Cape uLieutenant-General Thembisile Patekile uncome la maphoyisa ngokuqapha nokuzinikela kwawo.
Esithombeni ngenhla: I-Perlemoen ebiza ngaphezu kuka-R2-million itholwe elolini ngase-Worcester yinja yamaphoyisa uLayla.
Umthombo: Uthunyelwe