Author: N5

‘Abefundisi abanamandla bazama ukuqeda ngami’: Mboro

Umfundisi ongundabamlonyeni uthi kuneqembu elithile elizame ukumbulala futhi usabisa ukuthi abantu abakhe itulo lokuboshwa kwakhe bazokhokha ngomonakalo.

‘Umphathi wamaphoyisa ase-Alex uzibe isikhalazo esibalulekile somphakathi’

UMphathi wamaphoyisa e-SAPS e-Alexandra ubhekene nokuqondiswa izigwegwe ngokungaphenduli izingcingo zabaqaphi bomphakathi ababambe abasolwa abahlomile.

UMabuyakhulu uthi i-ANC yazilaya ngokukhothamela uZuma noMalema besaku-ANC

Umakadebona kaKhongolose uthi i-ANC ikulolu taku ekulo nje kungenxa yokuthi yaphendula owayenguMengameli uJacob Zuma nomholi we-EFF uMnuz Julius Malema izithixo ezikhothanyelwayo embuthweni.

EzaseKZN ezifingqiwe: Ithimba lizophenya ngokubambezeleka kwamaprojekthi ka-R100 million

USihle Mavuso ubika kafushane ezinohlonze esifundazweni

Babanjwe oqotsheni abashushumbisi bezimbaza (perlemoen) 

Kuboshwe amadoda amane ePhilippi ngokutholakala nezimbaza zenani lika-R1.4-million ngokungekho emthethweni.

Isidumbu sikaBafana Majola ebesilahlekile sitholakele wangcwatshwa ngesizotha

Umndeni ubukhathazeke amasonto amaningi ngokuthi isidumbu sesihlobo sawo sizolahleka unomphela, kodwa sesitholakele futhi sangcwatshwa.

Kushintshe izinto kumadlelandawonye kwiSRC yase-TUT ngemuva kokhetho 

Izinhlangano zabafundi e-Tshwane University of Technology sezisungule imifelandawonye ukuze ziphathe i-SRC kwamanye amakhempasi ngemuva kokhetho lwangesonto eledlule.

AmaCrown Gospel Music Awards azodlondlobala emhlabeni wonke ngenhloso yokuhlonipha uZanele

Ama-Crown Gospel Music Awards azodlondlobala emhlabeni wonke ukuze ahloniphe umsunguli wawo, uZanele LaMbokazi-Nkambule.

I-DA ixoshe uRenaldo Gouws eqenjini nasePhalamende

ILungu lePhalamende elihlazekile lixolisile ngenkulumo yalo yangokudlule yokucwasa ngokwebala, kodwa iqembu linqume ukubuqeda ubulungu balo.

Owesifazane obelahlekile utholwe eshonile emakhazeni kahulumeni

UFikile Ndala oduke eyohlangana nesoka lakhe, utholwe emakhazeni kahulumeni eseshonile.

‘Umlutha wezidakamizwa ushise umuzi wakubo’

Umndeni waseKhayelitsha usola umfowabo ocwile ezidakamizweni ngokushisa umuzi wawo.

UDuma uvale amabhasi ezintombi zoMhlanga abeyingozi

Kubanjwe amabhasi angu-31 atholakale engekho esimeni sokuba semgwaqeni abeqashelwe ukuhambisa izintombi eMkhosini woMhlanga.

Recent articles

spot_img