IPirates iphonsela inselelo ukukhonya kweSundowns kwiBafana

Ezemidlalo: UMichael Madyira uthi abadlali be-Orlando Pirates sebeqala ukufaka inselelo ekuzenzeleni nje kwabadlali beMamelodi Sundowns eqenjini lesizwe.

Abadlali beMamelodi Sundowns sekunesikhathi eside bekhonya eqenjini lesizwe laseNingizimu Afrika ngaphansi komqeqeshi uHugo Broos.

Emdlalweni wokugcina we-Africa Cup of Nations (Afcon) e-Ivory Coast, iSundowns ibinabadlali abangu-11 eqenjini leBafana Bafana, okwakukhona kubo uNyiko Mobbie obebolekiswe kuSekhukhune United.

Abadlali abayisishiyagalombili beSundowns baqala imidlalo eminingi emqoka bebhekene ne-Namibia, i-Tunisia, i-Morocco, ne-Cape Verde. Abayisikhombisa baphinde badlala emdlalweni owandulela owamanqamu bebhekene ne-Nigeria.

Laba badlali beSundowns bavamise ukudlala kahle ukwedlula ozakwabo abazinze e-Europe, bekhombisa amandla abo emidlalweni yamazwe.

Kodwa-ke, abadlali be-Orlando Pirates sebekuphonsele inselelo lokhu kukhonnya kwabo. Ngesikhathi sekhefu lakamuva abadlali bePirates basukume bazicosha bakhombisa ukuthi sebekulungele ukudlala indima enkulu eqenjini lesizwe.

Yize iPirates iseqophelweni elihlukile kuneSundowns mayelana nokuqhudelana namanye amazwe, kodwa ikhombisa ithemba.

Umdlali wasesiswini uThalente Mbatha ube ngumdlali ovelele eNingizimu Afrika kweyokuhlungela i-Afcon ka-2025 lapho iBafana Bafana ebhekane khona ne-Uganda kanye ne-South Sudan.

Igoli likaMbatha lisize ukuthi babambane ne-Uganda ngo 2-2, waphinde walandela ngelinye igoli bahlula i-South Sudan ngo 3-2.

IPirates ithumele abadlali abahlanu ekhempini yakamuva yesizwe, kanti iSundowns inabayisikhombisa.

UMbatha, noRelebohile Mofokeng, (19), badlale kahle kule midlalo.

UMofokeng udlale ngokuzethemba ngaphezu kweminyaka yakhe, kanti unozinti uSipho Chaine, oqale umdlalo wakhe wokuqala bebhekene ne-South Sudan, ubezimisele emapalini.

Kuzodingeka eminye imidlalo enzima kubadlali bePirates ukuze bazibonakalise ngokugcwele, kodwa bakhombisile ukuthi banamandla okuba nomthelela omuhle kuBafana Bafana.

Esithombeni ngenhla: IBafana Bafana ibhekene neSouth Sudan.

Umthombo: Bafana Bafana

Izihloko zakamuva