Scrolla exclusive

Balekela impilo yakho TSOTSI

Zisenkingeni enkulu izigebengu zaseThekwini. Njengamanje izigebengu zibhekene nowesifazane ongumphenyi ozimele … aphinde abe yisangoma!

Amathuna amaqhawe ethu

UBab' uTwala usehlale e-Alexandra iminyaka engaphezulu kwamashumi amahlanu, useze waba ngubaba womuntu wonke kulendawo.

Kusamisiwe ukukhuphuka kwemali yokugibela

zinhlangano zamatekisi zase-Alexandra ebezihlele ukunyusa imali yokugibela ngamaphesenti acishe abengama-200 zilimisile lelo nani okwamanje.

Uhulumeni uxwayisa abaphathi bamatekisi

UNgqongqoshe wezokuthutha uFikile Mbalula uphendule ngokukhushulwa kwemali yokugibela okwenziwa izinhlangano ezimbili zamatekisi aseGoli, exwayisa abaphathi bamatekisi ukuthi bengachuthi abagibeli babo.

Amatekisi aseGoli azokhuphula imali

Abaphathi bamatekisi e-Alexandra bathi ukukhuphuka okukhulu kwemali yokugibela kuyadingeka ngenxa yemithetho ebekwe nguhulumeni ekala isibalo sabagibeli ukuthi bangagcwali etekisini ukuze bengathelelani ngegciwane le-corona. Osomatekisi babala kanye nezindleko eziphakeme zikaphethiloli nokunye.

Itshe lethuna likaSipho

Ugogo uEmily uke wazama eminyakeni eyishumi eyedlule ukufaka itshe ethuneni lendodana yakhe eyabulawa ngonyaka wezi-1976 kuNhlangulana, ibulawa ngamaphoyisa obandlululo. Ekugcineni ugcine elitholile itshe kulo nyaka, futhi ubelungiselela umcimbi wokwembulwa kwalo. Kepha iphupho lakhe liphazanyiswe ngumvalelo.

Abathatha imfucuza balwa ne-Covid

Bangabonakala njengabantu abahudula izinqola bethatha imfucumfucu ezitaladini enihlala kuzo. Kepha manje laba besilisa nabesifazane bayasiphephisa ngokumelana ne-Covid-19.

Abafana bakhanyisa i-Alex ngomculo

Izingane zihambela izitaladi sase-Alexandra ngomvalelo zijabulisa abantu abahleli emakhonini. Abakwenzeli imali-bakwenza ngothando.

Ukunqoba komndeni wakwaKhosa

Ngale kokunqoba enkantolo kulelisonto, umndeni kaCollins Khosa uthi izinhliziyo zabo zisase buhlungu ngokushona kwakhe ngenyanga edlule.

Bakhala ngesandla semfene

Imeya yase-Bitou uPeter Lobese udlala ngempilo yezingane. Ngonyaka ka-2017 waklomelisa ikilabhu yebhola ngesheke lemali engangezigidi ezingama-R50 000. Sekuphele iminyaka emithathu izingane azikaze zithole ngisho isenti. Umasipala uzinaka wona.

Recent articles