Kusamisiwe ukukhuphuka kwemali yokugibela

Everson Luhanga

Izinhlangano zamatekisi zase-Alexandra ebezihlele ukunyusa imali yokugibela ngamaphesenti acishe abengama-200 zilimisile lelo nani okwamanje.

Lezi zinhlangano yi-Alexandra Taxi Association (ATA) kanye ne-Alexandra, i-Randburg, i-Midrand, i-Sandton Taxi Association (Armsta), ngempelasonto eyedlule zithe ukunyuka kwemali yokugibela kuzoqala ngoMsombuluko mhla ziyi-15 kuNhlaba. Imali yokugibela ebikade iyi-R11 kuyakuyi-R16 izokhuphuka ibengama-R30. Bathe kubalulekile ngoba amabhizinisi abo akhahlamezeke kakhulu ngenxa ye-Covid-19.

Kodwa ngemuva kokuthi abagibeli bememeze ngocha, kanye nokukhalaza kukahulumeni, izinhlangano zamatekisi zithe zizothi ukuma ngokunyusa imali okwamanje.

Izinkampani zamatekisi zizoba nokunyuswa kwemali okujwayelekile okonyaka ngomhlawokuqala kuNtulikazi, kodwa abakakasho ukuthi izonyuswa ngamalini.

Isithameleni sabezindaba ngoLwesihlanu ekuseni erenkeni lamatekisi e-Alexandra, osihlalo balezi zinhlangano ezimbili bathe benze isinqumo ngoba bebelalela abagibeli babo.

“Sibe nozwelo kumaklayenti ethu abekade ekhalaza ngokunyuka kwemali yokugibela ebesifuna yenzeke ngoMsombuluko,” kusho uMolefe Moeketsi, usihlalo we-Armsta.

UMoeketsi uthe isinqumo sabo asikho mayelana nezikhalazo zikahulumeli waseGoli zokuthi baklebhula amakhasimende abo kanye nesixwayiso mayelana “nenzuzo”. Uphinde wathi akusikho ukuthi kungezeka bathole imali yesibonelelo sika-Covid-19.

UVusi Mayaba, usihlalo we-ATA uthe uhulumeni akaxoxi ngendaba yesibonelelo semali. “Kuze kube yinamuhla, uNgqongqoshe (wezokuthutha uFikile Mbalula) ulokhu esithembisa. Asazi ukuthi sizokhokheleka kanjani nanokuthi imali izokhokhwa nini,” usho njalo.

UTumelo Mohapi, umgibeli wase-Alexandra, uthe ukhululekile njengoba ukunyuswa kwemali yokugibela kumisiwe. “Ibiningi kakhulu futhi bengingeke ngikhone ukukhokha leyomali,” uyasho.

Izihloko zakamuva