Ukunqoba komndeni wakwaKhosa

Ngu-Everson Luhanga

Ngale kokunqoba enkantolo kulelisonto, umndeni kaCollins Khosa uthi izinhliziyo zabo zisase buhlungu ngokushona kwakhe ngenyanga edlule.

Kusolwa ukuthi washaywa wabulawa ngamalunga e-South African National Defence Force ngoMbasa.

Umfelokazi wakhe uNomsa Montsha oneminyaka engama-30 uthi kunzima ukuhlala kuleyandlu lapho kwashonela khona umyeni wakhe. “Njalo uma ngingena endlini ngike ngizwe sengathi ngizomuzwa enza amahlaya ayesihlekisa kakhulu,” uyasho.

“Kusenjalo, isithombe sakhe elele phansi eseshonile  ekhishini asipheli engqondweni yami. Angikhoni ukudlula kuleyanto.”

Uthi isinqumo esithathwe yinkantolo ngoLwesihlanu sokumisa amalunga akade ekhona ngobusuku abulawa ngabo ubona kuyisenzo sokuqala sokuthi naye athole ubulungiswa.

“Ngiyazi ukuthi kusazothatha isikhathi eside. Kodwa ngifuna ukubabona bevalelwe ejele ngokubulala indoda emsulwa.”

Izihloko zakamuva