Abasebenzi basesibhedlela iNelson Mandela Bay babuyelile emsebenzini ngemuva kokushiya iziguli dengwane

Lubhalwe  ngu-Anita Dangazele

Uhulumeni uye enkantolo ukuze amise isiteleka  ngemuva kokuba abantu bethi ezinye iziguli zize zashona zingalutholanga usizo.

Abahlengikazi nabasebenzi bezempilo bayeke ukusebenza ngoba izigebengu zigqekeze umtholampilo wendawo izikhathi eziyisithupha futhi bebefuna nokuthi bakhokhelwe ngokusebenza isikhathi esengeziwe.

Basale dengwane abesifazane abakhulelwe kanye neziguli ngesikhathi kunesiteleka esibhedlela iDora Nginza eNelson Mandela Bay.

Lesi siteleka sidale isiphithiphithi esibhedlela. Umnyango wezempilo kudingeke ukuthi ulethe abahlengikazi abengeziwe futhi uhambise iziguli ezigula kakhulu ngendiza ziye kwezinye izibhedlela.

Izibhedlela ezikude njengesibhedlela iMidland eGraaf-Reinet zitshelwe ukuthi zikulungele ukuthatha iziguli.

Abantu bathi ezinye iziguli zishone ngoba zingalutholi usizo. Umnyango awukwazanga ukuqinisekisa ukuthi kuyiqiniso yini lokhu.

Abasebenzi babuyele emisebenzini yabo ngoMsombuluko ekuseni.

Isikhulu sezempilo e-Eastern Cape uDkt Rolene Wagner siye esibhedlela ukuyobheka ukuthi abasebenzi babuyile yini.

“Ngifikile esibhedlela iDora Nginza namhlanje ekuseni ukuze ngihlangane nabaphathi ukuze ngithole isiqiniseko sokuthi abasebenzi babuyile emsebenzini nokuthi izinsiza sezibuyile nhlangothi zombili,” usho kanje.

Izinkinga zaqala eMotherwell Community Healthcare Centre. Abasebenzi bayeke ukuya emsebenzini ngoLwesithathu ngemuva kokuthi umtholampilo ugqekezwe amahlandla ayisithupha. Bathi abaphephile.

Khona manjalo abasebenzi basesibhedlela iDora Nginza bavele bateleka. Befuna ukukhokhelwa isikhathi esengeziwe ngoba bekumele belaphe iziguli ezengeziwe eziphuma emitholampilo evaliwe.

Uhulumeni uye enkantolo ephoqa abasebenzi basesibhedlela ukuthi babuyele emsebenzini.

UMnuz Mlungiseleli Ncapayi weNational Education, Health and Allied Workers Union uthe batshele amalungu abo ukuthi abuye.

Uthe bayakhuluma nohulumeni ukuze alungise izinkinga.

“Sidumele kakhulu ngokuthi uMnyango uvumele izinto ukuthi zifinyelele kulesi sigaba lapho abasebenzi bezwakalise ukuphatheka kabi kwabo ngale ndlela,” usho kanje.

Isithombe esingenhla: UMqondisi Jikelele woMnyango wezeMpilo e-Eastern Cape uSharon Masdorp nezinye izikhulu eziphezulu bekhuluma nabezindaba eGqeberha ngoMsombuluko.

Umthombo wesithombe: Umnyango Wezempilo e-Eastern Cape

Izihloko zakamuva