Izindaba ezifingqiwe zase-KZN: I-DA ifuna kuphenywe ngokugcwele ngokuwa kwebhange iThala

UCelani Sikhakhane ukulethela izindaba zakamuva zaKwaZulu-Natal.

EDurban: I-Democratic Alliance KwaZulu-Natal ifuna kuphenywe ngokugcwele nge-Ithala SOC Limited ebinezinkinga, kulandela ukusula kwawo wonke amalungu ebhodi amahlanu. Lezi zigameko ziqubula imibuzo  mayelana nokuthi iThala lifinyelele kanjani kulesimo esibheda kanjena. “Abantu baseKZN badinga izimpendulo.  iThala lifike kanjani kulesi simo esibucayi kanje? Kuhlulekwe kuphi ukuze kufikwe lana,?” kubuza leli qembu. I-DA ikholelwa ngokuqinile ukuthi sekufuneka uphenyo olugcwele nolusobala. Leli qembu lithi nakuba kunezinkomba zokuthi kungenzeka ukuthi lusendleleni  uhlelo lweSpecial Investigating Unit, isifundazwe ngeke sikwazi ukuhlala sibukele. “Kumele kuqalwe uphenyo lokuqala lwesifundazwe ngaphandle kokubambezeleka ukuze kutholakale amaqiniso, kuhlonzwe noma yikuphi okungalungile nokuqinisekisa ukuthi abathintekayo bayaziphendulela,” kusho i-DA. 

EMahlabathini: Amalungu oKlebe aseRichards Bay Serious Organised Crime Investigation esebenzisana neZululand District Task Team, Abaseshi baseMahlabathini neTactical Response Team yasoLundi babophe umsolwa oneminyaka engu-35 ubudala uScelo Khoza ngokutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni endaweni yaseZinqunyaneni eMahlabathini. Amalungu athole imininingwane ngomsolwa obephethe izibhamu ezingekho emthethweni endaweni.  Ezintatha zangoLwesine, bahlangana, baya emzini wakhe. Ngesikhathi befika, baseshe indlu yonke, amaphoyisa athole isibhamu esisodwa i-AK47 nomagazini ababili, isibhamu sohlobo lwe-9mm esisodwa nezinhlamvu eziyishumi nantathu. UKhoza uvele kafushane eNkantolo yeMantshi yaseMahlabathini namuhla wagcinwa esitokisini.

E-Estcourt: UMengameli weNkatha Freedom Party, uVelenkosini Hlabisa, wemukele ngokusemthethweni amalungu amasha angaphezu kuka-300 ajoyine leli qembu ezinhlakeni ezehlukene zepolitiki esiFundeni saseMbabazane, ngaphansi kukaMasipala wase-Inkosi Langalibalele, e-Estcourt.Iqembu LeNkatha Yenkululeko liyaqhubeka nokuzihlukanisa njengelinye elithembekile nelinomthethosisekelo, elizibophezele ekubuyiseleni isithunzi, ubuqotho kanye nokubusa ngokomthethosisekelo. “Ukuthutheleka kwamalungu amasha kuyivoti elicacile lokubethemba ubuholi be-IFP kanye nombono wabo ngeNingizimu Afrika ezinzile, ebumbene futhi ephumelelayo,” kusho leli qembu.

Isithombe esingenhla: I-DA ifuna kuphenywe ngokugcwele ngokuwa kwebhange Ithala.

Umthombo wesithombe: ActionSA

Izihloko zakamuva