Scrolla exclusive

Sengichithe iminyaka engama-44 ngingayi ocansini

UThembi Ndlovu wenqabile ukuqomela umyeni wakhe owabulawa kowezi-1977 ngamaphoyisa obandlululo eSoweto.

Abahlaselwa ngamasoka abo

Ukugula okubi kudlangile eNingizimu Afrika. Kepha lokho akusho lutho ngendaba yokuhlukunyezwa ngokomzimba nangokomoya abesifazane ababhekana nakho.

Ukuhlukumezeka kwempilo kaOvuwa Ramafamba

U-Constable Ovuwa Ramafamba usebenzela esiteshini samaphoyisa esiseVuwani e-Limpopo. U-Constable Ramafamba uthi ubehlukunyezwa izandla zesoka lakhe futhi unenhlanhla yokuthi usindile.

Uma isinqandamathe sakho sesiphenduka isilwane

Isangoma uLanga Libalele uthi ngemuva kwezinyanga ezimbili eshiye isoka lakhe elalimhlukumeza, wezwa ukuthi uboshelwe icala lokubulala. Kuthiwa wagwaza wabulala intombi yakhe entsha.

Ugwetshwe udilika jele umbulali kaZinhle Kweza

IJaji libiza iNingizimu Afrika ngesizinda sokubulawa kwabesifazane ngesikathi ligweba umbulali wakwa-Eskom udilika jele. Umuthi, uthando, amanga kanye nokufa.

Izindlu zangasese ezibheda kakhulu

Abazali nabafundi baseCeza Primary School Olundi, eChibini bashaqekile ngesimo sezindlu zangasese “ezingafanele ngisho nokubizwa ngezindlu zangasese”.

Uhlu lwabadumile asebehaqwe i-Covid-19

ONdunankulu abahlala ezindaweni ezimbili eziyisizinda segciwane eNingizimu Afrika, sebehlolwe batholakala ukuthi banegciwane le-coronavirus. UNdunankulu wase-Gauteng uDavid Makhura kanye noNdunankulu wase-Western Cape uAllan Winde babalwa ohlakeni lwabantu abasezingeni eliphezulu abaye bahlolwa, batholakala benegciwane ezinyangeni ezedlule.

Othisha bahlekisa ngama-sanitiser kahulumeni

Othisha base-Mbodleni High School e-Mount Frere e-Eastern Cape badalule inkohliso eyenziwa nguhulumeni ngokunikezela ngama-sanitiser angasebenzi ezikoleni sasendaweni.

Uthando kulomvalelo londla izingane ezilambile

Ukushintsha umhlaba kuqala ngokushintsha izimpilo zezingane. Lokhu kungumbono kaTina Hopff, ophethe uhlelo lokondla ngokudla e-Kranshoek e-Western Cape, usiza izingane ezinganakho ukudla kulesi sikhathi somvalelo. "Uma sifuna ushintsho kumele siqale ngezingane."

Izingane ziyehluleka ukuthathela lesi sifo ekhanda

Izindaba ezimnandi ukuthi bonke abafundi abangama-204 abathole i-Covid-19 eMakaula Senior Secondary, isikole okuqubuke kakhulu igciwane eNingizimu Afrika basindile. Izindaba ezimbi ezokuthi kunzima ukukholisa izingane kanye nabazali ngesidingo sokuthathela igciwane ekhanda.

Recent articles