Sengichithe iminyaka engama-44 ngingayi ocansini

Abasemzini kaThembi bathatha yonke into, kodwa namanje usahlonipha umyeni wakhe ongasekho emhlabeni

Everson Luhanga

UThembi Ndlovu wenqabile ukuqomela umyeni wakhe owabulawa kowezi-1977 ngamaphoyisa obandlululo eSoweto.

“Njalo uma ngicabanga ukulala nomunye umuntu wesilisa, ngizizwa sengathi ngimziswa ubuhlungu futhi ingathi ulokhu engibheke njalo. Bengimuthanda futhi ngisamuthanda umyeni wami,” uyasho.

Lona owesifazane oneminyaka engama-76 owase-Alexandra uthi akakaze aye ocansini nomunye umuntu wesilisa ngesimanga sokuhlonipha umyeni wakhe owabulawa.

“Ngesikhathi ehlangana nami ngangisase yitshitshi. Waba ngumuntu wesilisa engaqala ukulala naye futhi uzoba ngowokugcina.”

Lezi zithandani zashada futhi zabusiswa ngezingane ezintathu, abafana bodwa.

UThembi uthi indodana yakhe yokuqala yadutshulwa yashona ngabaphangi esitolo sayo sobuhle eSoweto kanti indodana yakhe yesibili yashona ngokugula kowezi-2013.

UThembi uxoxa ngendaba  yakhe yokuthi umyeni wakhe washona kanjani emzini wakhe e-Alexandra.

“Umyeni wami ubengumthwebuli wezithombe.

“Wabulawa ngamaphoyisa obandlululo ngesikhathi ethwebula izithombe ze-second wave riots kowezi-1977 eSoweto lapho esasinomuzi khona,” usho njalo.

Ngendlela okwakunzima ngayo ngemuva kokulahlekelwa ngumyeni wakhe, uThembi uthi wedlule ebunzimeni bokulahlekelwa yikho konke okwasetshenzelwa nguye nomyeni wakhe.

Uthi umndeni kamyeni wakhe wamxosha, wathatha yonke into. Abasemzini bathi konke okwakungokwakhe nomyeni wakhe kungokamyeni wakhe kuphela.

“Bathatha indlu yethu, izimoto, ama-akhawunti asebhange nakho konke okwakusendlini bangishiya ngingena lutho.

“Kwafanela ukuthi ngiphume ngiqale phansi ngikhokhe irenti nezingane zami ezintathu, omncane wayewusana elinezinyanga eziyi-11,” kusho uThembi.

Wayeziphilisa ngokuba ngumhlengikazi osemthethweni futhi wakhulisa izingane zakhe ngalo lelo holo elincane.

Akakaze azame ukuthola enye indoda ukundla umndeni wakhe ngokwezimali. “Benginenhlonipho kumyeni wami ongasekho emhlabeni kanye nezingane zami,” uyasho.

UThembi unezeluleko ezinzima kubantu besifazane abancane namhlanje kulolu suku lwabantu besifazane. ” Fundani. Tholani imisebenzi. Abantu besilisa bamanje bathanda umuntu wesifazane ozimele”.

Ukhumbuza amantombazane kanye nabesifazane abasebancane ukuma kancane ngokuzinikela otshwaleni kanye nasocansini. “Kuyihlazo ukuthi intombazane ingavele yehlisele umuntu wesilisa ibhulukwe ngenxa nje yotshwala. Lokhu kumele kuphele futhi abesifazane kumele babenamaqembu lapho abakhuluma khona ngalezi zinkinga, ukwakha ukuzethemba,” uyasho.

Izihloko zakamuva