Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
Abasebenza (recyclers) eRietfontein Dumping Site eKurhuleni bashaqekile ngesikhathi bethola izingane ezimbili ezisanda kuzalwa zifakwe emigqonyeni kadoti ngoLwesibili.
Izingane zitholwe kudoti obuthululwa ngamaloli kamasipala ekuseni.
ULindiwe Dlamini utshele i-Scrolla.Africa: “Umngane wami uthole ingane yokuqala futhi ubemangele. Ngaqinisekisa ukuthi bekuyingane yomfana, sabe sesishayela abaholi bethu, base bebikela onogada namaphoyisa,” kusho kanje.
Okhulumela amaphoyisa e-SAPS eGauteng uLieutenant Mavela Masondo uthe: “Ingane eyodwa yomfana itholwe nenkaba nengubo (placenta) isakhona. Akukacaci noma ibiphila ngesikhathi ilahlwa.”
Ngesikhathi kusalindwe iveni yamakhaza kahulumeni, kutholwe ingane yesibili endaweni eqhele ngamamitha angu-20.
“Ingane yesibili ibibonakala isanda kuzalwa njengoba ibinenhliziyo eshaya kancane,” kusho uMasondo.
Amaphoyisa ayaphenya kodwa abengakabophi muntu.
UDlamini usebone izinto eziningi eziphazamisayo selokhu aqala ukusebenza lapho kulahlwa khona udoti ngo-2005, kodwa ukuthola izingane ezishonile kuyamcasula kakhulu.
“Ukulahla umzimba akuwenzi ukuthi unyamalale. Abasebenza kule ndawo bazowuthola, futhi kuyisenzakalo esibuhlungu. Uhulumeni udinga ukufundisa abesifazane ngokukhishwa kwezisu okuphephile ukuze bazivikele kulokhu,” kusho yena.
Isithombe esingenhla: Indawo yokulahla e-Rietfontein.
Umthombo: Doreen Mokgolo