USihle Mavuso ukulethela kafushane ezinohlonze esifundazweni.
E-Dundee – I-IFP isikhiphe esikhundleni uDumisani Xaba, ongumholi wesifunda saseNdumeni, ngemuva kokuboshwa wabekwa icala lokweba imfuyo ngenyanga edlule. Esikhundleni sikaXaba kufakwe u-Aaron Mthethwa osethulwe kumalungu nobuholi besifundazwe. Isifunda saseNdumeni sihlanganisa idolobha i-Dundee ne-Glencoe kanye nelokishi iSibongile neSithembile. Yisona esikhulu kunazo zonke esifundeni saseMzinyathi.
E-Gingindlovu – Abagibeli nabashayeli bamatekisi abasebenzisa umzila ophakathi kweMandeni neGingindlovu bahlalele ovalweni ngemuva kokuthi abashayeli bemizila bedubule babulala umnikazi wetekisi eGingindlovu ngeledlule. Ukwesaba kwabo kulandela umbango wetekisi yaseMandeni efike yazothatha abagibeli ngasenxanxatheleni yezitolo i-R66 Mall eGingindlovu. Abagibeli nabashayeli besaba ukuthi kuqala impi yamatekisi, futhi bangase bathelwe amachaphazelo.
E-Mgungundlovu – I-DA esifundazweni ithi uNgqongqoshe wezeziMali, uFrancois Rodgers, kumele aqinise isandla ukugqugquzela izinhlangano ezingangenisa imali yezokuvakasha njenge-Ezemvelo KZN Wildlife nezinye ngaphansi koMnyango kaMgcinimafa ukuze umnyango wakhe ukwazi ukuzenzela imali. Iphinde yengeza ngokuthi lezi zinyathelo, iyona ndlela yokuxhasa izindawo ezibucayi, okuhlanganisa izinhlangano ezingenzi nzuzo zase-KZN kanye nemikhakha yezempilo nezemfundo ebhekene nokuwa kwezimali. I-Ezemvelo ingaphansi koMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho nezeMvelo, eholwa nguMfu Musa Zondi we-IFP.
E-Shakaville – Kumiswe isigubhukane ukufunda namhlanje ekuseni eTshelenkosi Secondary School e-Shakaville, e-Stanger, ngemuva kombhikisho wabafundi abangamakhulu. Kudingeke ukuthi kubizwe amaphoyisa azonqanda isimo ngesikhathi abafundi abebedinwe begane unwabu befuna uthishanhloko, uMnu Sibisi, akhishwe esikoleni. Akuqondakali ukuthi kungani abafundi befuna uthishanhloko aphume esikoleni sabo.
E-Thekwini – Umasipala weTheku usumemezele ukuthi izindawo eziningi kusukela enkabeni yedolobha kuya eMlazi kwehle kuze kufike e-Scottburgh zizoba nokuntuleka kwamanzi phakathi kuka-8am no-4pm ngoLwesine. Lokhu kungenxa yokuthi uphiko lwamanzi nokuthuthwa kwendle kuzomele luvale amapayipi ukuze uMngeni-Uthukela Water ukwazi ukuhlola izimo zokusebenza e-Wiggins Water Treatment Works. Ibhodi lamanzi lilungiselela ukuvalwa okukhulu kwamapayipi amaningi embonini ngenyanga ezayo.
Esithombeni ngenhla: Izinkomo okusolakala ukuthi zebiwe nguXaba nokuholele ekutheni akhishwe yi-IFP.
Umthombo: Uthunyelwe