Uhlu lwabadumile asebehaqwe i-Covid-19

Sizwe Sibiya

ONdunankulu abahlala ezindaweni ezimbili eziyisizinda segciwane eNingizimu Afrika, sebehlolwe batholakala ukuthi banegciwane le-coronavirus.

UNdunankulu wase-Gauteng uDavid Makhura kanye noNdunankulu wase-Western Cape uAllan Winde babalwa ohlakeni lwabantu abasezingeni eliphezulu abaye bahlolwa, batholakala benegciwane ezinyangeni ezedlule.

Kubandakanya:

• Umculi wohlobo lomculo i-hip hop uAKA

• UNdunankulu wase-North West uJobert Makgoro uhlolwe watholakala enegciwane ngoLwesibili, wabe esezibhukhela igumbi nombhede wakhe ukuze agonqe yedwa.

• Umholi we-African Christian Democratic Party uMfundisi uKenneth Meshoe ubephakathi kwabokuqala ukuthi bahlolwe batholakala benegciwane ngoNdasa, nelinye ilungu le-ACDP ephalamende uSteve Swart.

UNobhala-Jikelele we-South African Federation of Trade Unions (SAFTU), uZwelinzima Vavi, wangeniswa esibhedlela ngemuva kokuhlolwa ukuthi unegciwane le-corona ngoMbasa kanti usanda kumemezela ukuthi udadewabo ushonile ngenxa ye-Covid-19 ngenyanga edlule

• Lowo owayenguSihlalo we-ANC e-Western Cape, uMarius Fransman, ukuqinisekisile ukuthi uhlolwe watholakala enegciwane le-Covid-19 enkundleni yokuxhumana u-Facebook ngoNdasa

• Umculi nongumlingisi uBrian Themba umemezele ezinkundleni zokuxhumana ekupheleni kukaNdasa

• Usaziwayo uZola Hashatsi uveze ku-Instagram ukuthi usehlolile watholakala enegciwane futhi uqhinqe yedwa

•Usaziwayo  nosomabhizinisi uTT Mbha useluleme, kanti owayengumlingisi we-Generations uRosie Motene uqhinqe yedwa ngemuva kokuthi umyeni wakhe ehlolwe ukuthi unegciwane

• Umlingisi uMlamli Mangcala odlala indawo  yokuba nguKaputeni uSthembiso Radebe kumdlalo kamabonakude owaziwa kakhulu i-The Queen, ukuqinisekisile ku-Instagram wakhe ukuthi wahlolwa  ekuqaleni kukaNtulikazi watholakala enegciwane

• Umdlali webhola likanobhutshuzwayo odlala ezweni lase-Portugal uSphephelo Sithole uhlolwe ngoNdasa naye watholakala enegciwane

• UMengameli weqembu le-Netball laseNingizimu Afrika uCecilia Molokwane wahlolwa ngoNdasa, watholakala enegciwane

•Umdlali wegalofu laseNingizimu Afrika uVictor Lange wahlolwa watholakala enegciwane ngemuva kohambo lwakhe lokuya e-Mexico nase-PGA Tour Latinoamerica circuit ngoNdasa

• Umdlali wegalofu uDylan Frittelli wahlolwa watholakala enegciwane ngenkathi edlala eMelika e-PGA, ngenkathi kuvulwa usuku lokuphana emsebenzini okuyinto esaqhubeka e-ohio, eMelika

•Iqembu lebhola lombhoxo laseNingizimu Afrika i-Cheetahs, imemezele ngomhla ziyi-6 kuNtulikazi ukuthi omunye wabadlali bayo usehlolwe watholakala enegciwane

• Abadlali ababili be-Kaizer Chiefs bahlolwe batholakala benegciwane phakathi kukaNhlangulana ngemuva kokuthi iqembu lithathe isinqumo sokuhlola bonke abadlali nabaphathi

Impilo yabantu abaningi abadumile baseNingizimu Afrika esithathwe yileli gciwane, kufaka phakathi:

•Usomabhizinisi uPheko Kgekgoe, oshone ngemuva kokuphathwa igciwane le-Covid-19 mhla zi-30 kuNhlangulana eneminyaka engama-35 ubudala

I-Covid-19 ithathe impilo yalowo okhulumela i-ANC KwaZulu-Natal, uRicardo Mthembu, mhla zi-8 kuNtulikazi, ngemuva kokuhlala amasonto amathathu esibhedlela

• INdlovukazi yase-MaRharhabe uNoloyiso Sandile uzongcwatshwa ngeSonto ngemuva kokuguliswa yisifo esihlobene ne-Covid-19 esibhedlela i-Cecilia Makiwane e-East London (sicela ubheke umbiko wethu wayizolo mayelana neNendlovukazi engasekho yamaRharhabe uNoloyiso Sandile)

Izihloko zakamuva