Uthando kulomvalelo londla izingane ezilambile

Everson Luhanga

Ukushintsha umhlaba kuqala ngokushintsha izimpilo zezingane.

Lokhu kungumbono kaTina Hopff, ophethe uhlelo lokondla ngokudla e-Kranshoek e-Western Cape, usiza izingane ezinganakho ukudla kulesi sikhathi somvalelo. “Uma sifuna ushintsho kumele siqale ngezingane.”

UTina uthi ngenkathi kuqala umvalelo ngoNdasa, ubesevele enalo uhlelo lokondla abantu ngokudla olubizwa ngokuthi “Abantu Abanothando”. Ngakho-ke waqala ukwenza okuningi kakhulu.

“Ngesikhathi kuqala umvalelo, inhlangano ibiphakela abantu ukudla okungama-800 ngosuku, futhi sihambisa cishe ukudla okungama-700 kabili ngesonto. Sekuhanjiswe ukudla okuyi-150 000 emphakathini wase-Kranshoek,” kusho uTina.

UTina uthi ekuqaleni, yena nozakwabo asebenza naye babeshayela behamba umgwaqo nomgwaqo benikeza izingane ukudla okuvela “ekhishini lesobho elinamasondo”. Banweba usizo lwabo ngokondla asebekhulile. Manje kunamakhishi esobho ayisishiyagalolunye, asuthisa le ndawo, kufaka phakathi i-Kranshoek eseduze nolwandle i-Plettenberg Bay.

Ezinye izinhlangano ezinikela ngokudla zidonsa kanzima ukuthola izimvume zikahulumeni ngesikhathi somvalelo. Kepha umasipala wase-Bitou wasiza ngokunikeza imvume yokuqhubeka nokusebenza. Umasipala ubanikeze ama-permit okusebenza ngesikhathi somvalelo. Abahlali abacebile bendawo basiza ngemali nangokudla.

Okhulumela umasipala wase-Bitou uAndile Namntu uthi i-Kranshoek eminye yemiphakathi entula kakhulu kulo masipala ocebile. Uthi izifo zomphakathi ezinjengokusebenzisa kabi izidakamizwa, ukukhulelwa kwentsha nobugebengu ziphezulu endaweni. Wemukela usizo lwamaSamariya alungileyo “azama konke okusemandleni ukusiza imiphakathi”.

Abantu abanoThando sebeqalile nokusiza amaphrojekthi okutshala izingadi zomphakathi ngemifino, nokuxhasa osomabhizinisi abancane kulesi sikhathi somvalelo.

Banwebe isandla sabo ngokuvuma ukunakekela abantu asebekhulile kanye nabokufika. UTina uthi ubona ukwanda kosizo olunikwa abantu bakwamanye amazwe. Iningi labantu abaphuma kumazwe angaphandle bebengawatholi amaphasela okudla kahulumeni futhi ngaleso sikhathi bebengasebenzi.

“Uhlelo lwethu lokondla ngokudla, luphenduke ikhaya kubona bonke”.

Izihloko zakamuva