Everson Luhanga
Ingxenye yesibili yendaba yesangoma esihlukunyezwa isoka
Isangoma uLanga Libalele uthi ngemuva kwezinyanga ezimbili eshiye isoka lakhe elalimhlukumeza, wezwa ukuthi uboshelwe icala lokubulala. Kuthiwa wagwaza wabulala intombi yakhe entsha.
Ubonga amadlozi akhe ngokumsindisa kumuntu abemthanda ophenduke waba yisilwane empilweni yakhe. Uthi: “Ngangihlukunyezwa ngokomzimba, ngokomoya nangokwezezimali.
“Ngaba nenhlanhla yokuthi ngimshiye ngisaphila. Okhokho bami bangivikela kuye.
“Ngangihlezi ngisesibhedlela njalo uma enghlukumezile noma engihlasele.”
Ozalwe enguNthabiseng Khechane, oyisangoma esibizwa ngoLanga Libalele uthi wayeshaywa ngeketango, ngamabhodlela, isikhwili kanye nezinye izinto.
Kwaqhubeka kwaba kubi kakhulu.
Uthe ngesikhathi isoka lakhe lakudala lihlala naye, belingasebenzi futhi lingenayo indawo yokuhlala. Impilo yayinzima kuye.
“Bengijwayele ukumthengela yonke into. Bengijwayele ukumthengela izingubo, ukudla notshwala. Kepha noma kunjalo, bengingumuntu omubi kuye. Ubethola amaphutha kukho konke ebengikwenza ebese eqala uchuku efune ukungishaya. Bekuyisihogo ebengiphila kuso. ”
Uthi into eyamlimaza kakhulu, ingesikhathi eletha omunye wesifazane endlini yakhe.
• “Wangixosha ngaphandle kwegumbi lami lokulala ukuba ngiyolala kusofa
• “Ngangibezwa uma beya ocansini
• “Ngobunye ubusuku, wayengiphoqa efuna ukulala nami emuva nje kokulala nentombi yakhe embhedeni wami”
ISangoma uLanga uthi bekungekhona kodwa lokho abekwenza:
• “Wangishayela ukumema abangane bakhe emcimbini wosuku lakhe lokuzalwa engangimhlelele lona.
• “Ubengishisa ngogwayi emabeleni, emathangeni nasezinqeni.
• “Nginezibazi umzimba wonke.”
Uthi phakathi kwazo zonke lezi zigameko, wambika kanye emaphoyiseni, kodwa wabe esesula icala ezinsukwini ezimbalwa kamuva.
ISangoma uLanga uthi ngosuku okwathiwa wagwaza wabulala lona wesifazane athandana naye, amalungu omphakathi amshaya kwaze kwadingeka ukuthi asindiswe ngamaphoyisa. Wabe eseboshwa ngaleso sikhathi.