Abahlaselwa ngamasoka abo

Everson Luhanga

Ukugula okubi kudlangile eNingizimu Afrika.

Sikwazi ngegama elisemthethweni le-Gender Based Violence (GBV).

Kepha lokho akusho lutho ngendaba yokuhlukunyezwa ngokomzimba nangokomoya abesifazane ababhekana nakho.

UMengameli uCyril Ramaphosa umemezele udlame olubhekiswe kubulili njengenhlekelele entsha kazwelonke esibhekene nayo kanye nalolu bhubhane lwegciwane le-Covid-19.

Kulenyanga esikuyo kaNhlangulana, abesifazane nezingane ezingaphezu kuka-30 babulawa ngamacala odlame olubhekiswe kubulili.

Lokhu kwenzeka nje uhulumeni kanye namaphoyisa bagxile ukulwisana nalesi sifo.

Kuleli sonto, sishicilela uchungechunge lweziqephu ezintathu – silandisa izindaba zabantu besifazane abathathu abanamandla – iphoyisa, isangoma nomculi – bonke bahlukunyeziwe futhi bahlaselwa ngabantu ababethembayo nabathandayo.

Izihloko zakamuva