Ezemidlalo

Ukusebenza okumangazayo kukaChristine Mboma kuvusa impikiswano yamazinga e-testosterone

UChristine Mboma wase-Namibia ubanga indondo yesiliva ye-200m yabesifazane ngemuva kokuba evinjelwe ukungena emqhudelwaneni we-400m.

Abadlali bekhilikhithi abasolwa ngokucwasa ngokwebala banikezwe ithuba lokuphendula

I-Cricket South Africa (i-CSA) ngoLwesine imeme ngokusemthethweni wonke amaqembu asolwa ngokubandlulula ngokobuhlanga ukuba eze emhlanganweni wokulalelwa kwamacala e-Social Justice and Nation-building (i-SJN).

Ukuzifunela igolide ngempelasonto yokugcina ye-Tokyo 2020

Kule mpelasonto kuzophethwa imidlalo yama-Olimpiki yase-Tokyo yangowezi-2020 lapho umjaho wetafula lezindondo usesilinganisweni phakathi kwe-China neMelika. IMelika inezindondo eziningi kodwa i-China isengaphambili ekujaheni igolide.

Ucwaningo luthole ukuthi u-44% wabadlali be-Premier Soccer League bahlukunyezwa ngesizini edlule

Ucwaningo oluyingqophamlando olwenziwe yi-Professional Footballers Association (i-PFA) luthole ukuthi abadlali ababili kwabahlanu be-Premier League bahlukunyezwa ezinkundleni zokuxhumana ngesizini yowezi-2020/21.

ULionel Messi, ongomunye wabadlali abahamba phambili ushiya i-Barcelona

Ngemuva kweminyaka engama-21, imidlalo engama-778, amagoli angama-672, izindebe ezingama-34, ama-ballon dors ayisithupha nekhadi elilodwa elibomvu, uLionel Messi uyashiya kwi-FC Barcelona.

UPeruth Chemutai wase Ugandan uqophe umlando ethola indondo yegolide kuma-Olimpiki

UPeruth Chemutai ube ngowokuqala wesifazane ophuma e-Ugandan othole indondo yegolide kuma olompiki ngemuva kokuba enqobe u-300m edlala isteeplechase.

Indlovukazi yezindondo ezimbili zegolide zama-Olimpiki yase-Jamaica ivinjelwe ukubukisa ngokunqoba kwayo!

Umpetha we-Double Olympic u-Elaine Thompson-Herah uvinjelwe ukungena ku-Instagram izinsuku ezimbili ngenxa yokwephulwa kwe-copyright. Icala lakhe ukuthi wabelana ngeziqeshana zakhe zakumabonakude enqoba umjaho we-100m nowe-200m we-sprint.

UKyle Blignaut ube ngowokuqala ophuma eNingizimu Africa ukungenela kowamanqamu we-Men’s shot put ngemuva kweminyaka engama-20

Mhla iNingizimu Africa igcina ukungena kowamanqamu e-men’s short put uKyle Blignaut wayenonyaka. Umsubathi owagcina ukuqhudelana kowamanqamu e-man’s short put kwakunguJanus Robberts e-Sydeney ngonyaka wezi-2000.

Ukuphoxeka okukhulu kweNingizimu Afrika kuma-Olimpiki

Imidlalo yama-Olimpiki yase-Tokyo isizophela futhi njengezwe sinokuncane esingahleka ngakho.

Ikhilikithi yaseNingizimu Afrika iphinde yahlaselwa esinye isigameko sobandlululo

Ukucwasana ngokobuhlanga kwikhilikithi yaseNingizimu Afrika kujwayeleke kakhulu kubadlali abamnyama ngesigameko sakamuva esivele ekulalelweni kwe-Cricket SA.

Recent articles