Dylan Bettencourt
I-Cricket South Africa (i-CSA) ngoLwesine imeme ngokusemthethweni wonke amaqembu asolwa ngokubandlulula ngokobuhlanga ukuba eze emhlanganweni wokulalelwa kwamacala e-Social Justice and Nation-building (i-SJN).
Ukulalelwa kwe-SJN kubone abantu abaningana abasezingeni eliphezulu e-CSA besolwa ngokucwasa. Lokhu kufaka phakathi umqeqeshi wamanje wama-Proteas uMark Boucher nabanye ozakwabo okusolwa ukuthi bacula izingoma ezazinenhlamba ezibhekiswe kumalungu athile.
UBoucher ukhulume ne-City Press ngeviki eledlule. Uthe: “Ngicelwe yi-SJN ukuthi ngithumele impendulo ebhaliwe kulezi zinsolo ezahlukahlukene ezenziwa ngesikhathi kulalelwa amacala.”
Uthe izinhloso zakhe ukusebenzisana ngokugcwele ne-SJN ukuxazulula izingqinamba ezilethwe ngabadlali bakudala bekhilikhithi.
USinethemba Mjekula owayeyi-bowler kumaWarriors uphinde wasola uPierre Joubert ngokumbiza ngegama eliqala ‘ngo-K’ ngesikhathi kuqhubeka uchungechunge lwasekhaya lwezinsuku ezine kudala ngowezi-2007.
Utshele i-Sport24 ukuthi: “Angikaze ngibize muntu ngalelo gama”.
Abanye abadlali abasezingeni eliphezulu balethe izikhalazo ababhekana nazo ngesikhathi besadlalela amaProtea. U-Ashwell Prince ukhulume ngokuthi wayebizwa ‘ngo-quota player’ yize efaka imidlalo efanela ukukhethwa kwakhe.
Ukulalelwa kwe-SJN kuqale njengemizamo yokuthuthukisa amandla obuhlanga ngaphakathi kwe-CSA kanye nokwenza ngcono izindaba zezimali inhlangano yekhilikithi ebhekene nazo njengamanje. Ukulalelwa kwamacala kwaqala ngoNhlaba ngowezi-2021 futhi kuyaqhubeka.
Umthombo wesithombe: @SkySports