Dylan Bettencourt
UChristine Mboma wase-Namibia ubanga indondo yesiliva ye-200m yabesifazane ngemuva kokuba evinjelwe ukungena emqhudelwaneni we-400m.
Ngesikhathi eneminyaka eyi-18, ukusebenza kukaMboma kwasusa impikiswano njengoba ehlula izintandokazi ezifana noGabrielle Thomas. Isikhathi salo msubathi sika-21.81 nje kuphela esisheshayo sokugijima emlandweni wama-Olimpiki.
Kwakuwumdlalo uMboma awudumisa ‘njengomjaho omuhle kakhulu’ wempilo yakhe.
UMboma uvinjelwe ukungenela umncintiswano we-400m kuma-Olimpiki ase-Tokyo ngenxa yemikhawulo elawula abesifazane abanesimo sofuzo esingajwayelekile esikhiqiza ngokwemvelo amazinga aphezulu e-testosterone.
Abanye bebephikisana nokuthi avunyelwe ukungenela umjaho we-200m uma engakwazi ukuncintisana kowe-400m, kodwa i-World Athletics iyivikele imithetho yayo.
Isinqumo sesigungu esilawulayo asibeki imingcele kubasubathi abanamazinga aphezulu e-testosterone ngokwemvelo – sivimbela abadlali be-intersex abanokuphazamiseka kokuthuthuka kwezocansi okwaziwa nge-46, XY DSD.
Abesifazane abanalesi sifo bazoba ne-X ne-Y chromosome kwi-cell ngayinye okuyiphethini ejwayelekile yowesilisa yofuzo olubenza babe namazinga aphezulu e-testosterone.
Umsubathi wase-Namibia uvunyelwe ukuncintisana ngoba imithethonqubo ye-World Athletics ilawula kuphela imicimbi kusuka ku-400m kuya ku-1,500m. UCaster Semenya wakuleli owathola igolide ku-800m kowezi-2012 nangowezi-2016 naye uvinjelwe ukuncintisana e-Tokyo ngenxa yamazinga aphezulu e-testosterone.
Umqeqeshi kaMboma ubonakale ehlengezela izinyembezi ngesikhathi eqa umugqa. Ekhuluma ngokuncoma kwakhe lo msubathi, uHenk Botha uthe: “Mina namantombazane sihlala sithandaza ndawonye ngaphambi komjaho, siphinde sakwenza lokho ngaphambi komdlalo wamanqamu. Bengithinteke kakhulu emoyeni futhi nginokubonga”.
UMboma uzuze indondo yokuqala yesizwe sakhe kusukela ngowe-1996 emdlalweni owashaqisa umhlaba futhi ozoqhubeka nokuvusa impikiswano.
Umthombo wesithombe: @TheHindu