UKyle Blignaut ube ngowokuqala ophuma eNingizimu Africa ukungenela kowamanqamu we-Men’s shot put ngemuva kweminyaka engama-20

Mhla iNingizimu Africa igcina ukungena kowamanqamu e-men’s short put uKyle Blignaut wayenonyaka. Umsubathi owagcina ukuqhudelana kowamanqamu e-man’s short put kwakunguJanus Robberts e-Sydeney ngonyaka wezi-2000.

UBlignaut usenikeze abalandeli bakhe ithemba lokuthi angase abuye nayo indondo e-Tokyo njengoba ama olimpiki esezofika emaphethelweni. Wajikijela u-20.97m ukuze akwazi ukungena kowamanqamu ngoLwesine.

Bekunzima, kodwa ngijabulele ukuthi ngikwazile ukungena kowamanqamu kumqhudelwano wami wokuqala.

Ngizwa ngathi lokhu kuzowukhuphula kakhulu umsebenzi wami, ngizodlala ngokujabula kowamanqamu nginethemba lokuthi ulwazi engizolithola ngizokwazi ukuthola indondo ngokulandelayo.

UBlignaut unethemba lokuthi uzothola indondo yize ancintisana nabo bengaboni kanjalo.

Kungenzeka noma yini futhi ngizozama ukujikijela kakhulu ukuze ngikwazi ukuziqhenya ngami mhlawumbe ngingabuya nayo indondo akekho owaziyo kusho uBlignaut.

Uzimisele ukuthatha yonke into kuma-olimpiki azayo.

Lo mdlalo wamanqamu we-Mans short put uzoba ngo 4:05 ngoLwesine.

Izihloko zakamuva