Dylan Bettencourt
Ucwaningo oluyingqophamlando olwenziwe yi-Professional Footballers Association (i-PFA) luthole ukuthi abadlali ababili kwabahlanu be-Premier League bahlukunyezwa ezinkundleni zokuxhumana ngesizini yowezi-2020/21.
Ucwaningo luthole ukuthi abadlali abayi-176 kwabangama-400 ababenama-akhawunti ka-Twitter babhekana nokuhlukunyezwa. I-Homophobia itholakale iyindlela ejwayelekile yokucwaswa ababhekene nakho.
Ucwaningo olwenziwe ngabakwa-Signify luhlaziye imibhalo ehlukene engaphezu kwezigidi eziyisithupha futhi lwenze uphenyo olunzulu kokungaphezulu kokuyizi-20 000 okuthunyelwe okunemibhalo ethole imiyalezo eyizi-1,781 ecacile ehlukumezayo evela kuma-akhawunti e-Twitter ahlukahlukene ayizi-1,674.
Ukuhlukumezeka kwakhuphuka ngoNhlaba ngowezi-2021 ngesikhathi sokumiswa kwebhola lezinyawo kwezinsuku ezine kuzo zonke izinkundla zokuxhumana njengophawu lobumbano ngokumelene nokuhlukunyezwa abadlali ababhekene nakho ku-inthanethi.
Ucwaningo luphinde lwathola ukuthi imiyalezo engama-56% yobandlululo isusiwe endaweni yesikhulumi, kwathi okunye okubhaliwe kushiywe ku-Twitter izinyanga ezimbalwa kanti eminye ayisuswanga isizini yonke.
Isikhulu esiphezulu se-PFA uMaheta Molango uthe: “Isikhathi sesifikile sokuyeka ukuhlaziya kwenziwe umnyakazo. Ukuthola lolu daba kusho ukuthi zingathathwa izinyathelo ngokuhlukunyezwa okwenzeka ku-inthanethi. Uma inyunyana yabadlali ingakwenza lokhu, nobuchwepheshe bungenza kanjalo”.
Abakwa-Twitter, nokho, babona ukuthi lo mbiko awuyenzanga ngokugcwele imizamo ukuqinisekisa ukuthi abadlali abaqhubeki nokuhlupheka ngenxa yokuhlukunyezwa, okunezela izici ezifana nokuvumela umsebenzisi ukuthi akhethe ukuthi ngubani ongaphendula / noma abhale kabusha okuthunyelwe nguye kwakhe.
Okhulumela i-Twitter uthe: “Siyaqhubeka nokuthatha izinyathelo uma sibona noma yimaphi ama-tweets noma ama-akhawunti aphula imithetho ye-Twitter. Samukela abantu ukuthi baziveze ngokukhululeka emisebenzini yethu, kodwa-ke, sinemithetho ecacile ebekiwe yokubhekana nezinsongo zodlame, ukuhlukunyezwa nokuziphatha okunenzondo”.
Umthombo wesithombe: @TechCrunch