Dylan Bettencourt
Ukucwasana ngokobuhlanga kwikhilikithi yaseNingizimu Afrika kujwayeleke kakhulu kubadlali abamnyama ngesigameko sakamuva esivele ekulalelweni kwe-Cricket SA.
USinethemba Mjekula oyi-fast bowler uthe uPierre Joubert wamubiza ngegama eliqala ngo-‘K’ ngesikhathi kuqhubeka uchungechunge lwemidlalo lwezinsuku ezine muva ngowezi-2007.
Owayekade eyi-bowler kuma-Warriors uMjejula akazange asibike lesi sigameko ngaleso sikhathi. Kodwa ubone ukuthi lesi bekuyisikhathi esifanele ngesikhathi sokulalelwa kwamacala e-Cricket South Africa for Social Justice (i-SJN).
UJoubert uziphikile izinsolo. “Angikaze ngibize muntu ngalelo gama,” utshele i-Sport24.
Kwesinye sezigameko eziningi ezibandakanya ukucwasa ngokwebala kwikhilikithi yaseNingizimu Afrika, uSonnyboy Letshela uthe wahlukunyezwa kakhulu ngokobuhlanga nokubandlululwa okwaholela ekutheni azame ukuzibulala.
ULetshela wayeneminyaka eyi-17 nje kuphela ngenkathi iNingizimu Afrika ihambela eNdiya. Ngemuva kokudlala e-Wanderers Stadium emlenzeni wokubuya, uLetshela wasolwa ngokweba induku yekhilikithi kaSachin Teldulkar.
Umpetha wekhilikithi waseNingizimu Afrika uJonty Rhodes uthe ukucwasana ngokwebala kuyinkinga abadlali abamnyama bekhilikhithi ababhekene nayo ngenxa yokungalingani ngokobuhlanga esizweni sonke. Ngeshwa, uRhodes uthe uhlelo lwe-quota ludlala indima enkulu kubadlali ababhekene nobandlulula.
“Le nqobo ye-quota ibe yithambo lombango kubadlali abaningi bakudala. Akunandaba ukuthi babelunge kangakanani, bekuhlala kubhekwa njengabakhethwe yi-quota. Lokho kubathintile emoyeni nasengqondweni ngokudlalela iqembu uma bezwa ukuthi akekho noyedwa umuntu obathembayo noma obasekelayo.”
Owayeyi-spiner kuma-Proteas uPaul Adams usole umqeqeshi wamanje wekhilikithi waseNingizimu Afrika uMark Boucher ngokusebenzisa izinhlamba zobandlululo ezimayelana naye ngesikhathi ethula ubufakazi enkantolo. Engxenyeni enkulu yomsebenzi wakhe, u-Adams bekunguye kuphela umdlali omnyama ohlangothini lwaseNingizimu Afrika.
Lezi zinsolo “zibuhlungu futhi azilona iqiniso” kusho uBoucher, kodwa uthe uzomelana nakho lokhu kulalelwa kwecala.
Lokhu kulalelwa kwecala kuyimizamo ye-Cricket SA yokuguqula le nhlangano, ebikhathazwa ukungalingani ngokobuhlanga nezinkinga zezezimali.
Umthombo wesithombe: @TheNewIndianExpress