Indlovukazi yezindondo ezimbili zegolide zama-Olimpiki yase-Jamaica ivinjelwe ukubukisa ngokunqoba kwayo!

Dylan Bettencourt

Umpetha we-Double Olympic u-Elaine Thompson-Herah uvinjelwe ukungena ku-Instagram izinsuku ezimbili ngenxa yokwephulwa kwe-copyright. Icala lakhe ukuthi wabelana ngeziqeshana zakhe zakumabonakude enqoba umjaho we-100m nowe-200m we-sprint.

UThompson-Herah uphinde wanqoba izindondo ezimbili azithola kuma-Olimpiki ase-Rio angowezi-2016.

Lomsubathi wase-Jamaica ubefuna ukwabelana ngokunqoba kwakhe nabalandeli bakhe abayizi-310 000 ku-Instagram kodwa lokho kwahlehlela emuva njengoba ebhale ku-Twitter ukuthi : “Ngivinjwe ku-Instagram ukufaka imijaho yama-Olimpiki ngoba anginalo ilungelo lokwenza lokho. Ngakho-ke ngizonibona ezinsukwini ezimbili”.

I-International Olympic Committee (i-IOC) ithe ukususwa kwanoma yikuphi okuqukethwe okungagunyaziwe kuyinqubo ezenzakalelayo enikeza imvume ekhethekile kubasubathi ukuthumela okuqukethwe kwabo.

I-IOC kubikwa ukuthi kulindeleke ukuthi ithole imali elinganiselwa kuzigidigidi ezingama-R57 yamalungelo wamabonakude okusakaza ama-Olimpiki asebusika ase-Pyeongchang angowezi-2018 nemidlalo yase-Tokyo yowezi-2020.

“Imali engenayo ngokuthengiswa kwamalungelo okusakaza iyinto ebalulekile ekuxhasweni kwemali yenhlangano yama-Olimpiki futhi isiza ekwakheni isigaba sama-Olimpiki abasubathi abangakhanya kuso,” kusho i-IOC.

“I-IOC isabalalisa ngaphezu kuka-90% wemali engenayo enhlanganweni yezemidlalo, okusho ukuthi nsuku zonke imali elinganiselwa kuzigudi eziyi- $ 3.4 iya ukuyosiza abasubathi nezinhlangano zezemidlalo kuwo wonke amazinga emhlabeni jikelele.”

UThompson-Herah kulindeleke ukuthi ancintisane emjahweni wabesifazane i-4x100m relay nemidlalo yokuhlunga ngoLwesine. Umdlalo wamanqamu uzoba ngoLwesihlanu lapho abantu base-Jamaica bekuyizintandokazi ezinkulu njengoba bezithola zontathu izindawo ku-podium emcimbini wabesifazane we-100m.

Umthombo wesithombe: @NPR

Izihloko zakamuva