UPeruth Chemutai wase Ugandan uqophe umlando ethola indondo yegolide kuma-Olimpiki

Dylan Bettencourt

UPeruth Chemutai ube ngowokuqala wesifazane ophuma e-Ugandan othole indondo yegolide kuma olompiki ngemuva kokuba enqobe u-300m edlala isteeplechase.

UChemutai uqophe umlando ngenkathi eqa ulayini ngesikhathi esiwu- 9:01:45. Lentombazane eneminyaka engama-22 izobe iqhudelana okwesibili kulemidlalo yama olimpiki ngemuva kokuba ayengenele okokuqala e-Rio ngowezi-2016.

Lomgijimi webanga elide wenze okuxakile, wedlule uCourtney Frerichs waseMelika oyisithenjwa benoHyvin Kiyeng wase Kenya ngenkathi kuvele kwaba nguye ohamba phambili kusasele ukuthi bahambe ibanga elingu- 150m.

Izwe lase-Uganda seliwine izindondo eziyi-11 selokhu kuqale imidlalo yama olimpiki. Izindondo ezingu 10 asebezitholile ziqhamuka kubasubathi besilisa. Izwekazi lase Afrika linezindondo zegolide eziwu-2 ezaqhamuka kuJohn Akii-Bua ngonyaka we-1972 benoStephen Kiprotich ngonyaka ngowezi-2012.

Kuningi esizokuzwa ngoChemutai esikhathini esizayo okwamanje igama lakhe laziwa kakhulu emabhukwini akhombisa umlando e-Ugandan njengoba ewine indondo yakhe yokuqala yegolide eminyakeni eyisishiyagalolunye.

I-Uganda seyiwine indondo eyodwa selokhu kuqale imidllalo yama-Olimpiki.

Scrolla World Cup Quiz