Ukuphoxeka okukhulu kweNingizimu Afrika kuma-Olimpiki

Menzi Magubane

Imidlalo yama-Olimpiki yase-Tokyo isizophela futhi njengezwe sinokuncane esingahleka ngakho.

INingizimu Afrika isathole indondo eyodwa yegolide nezimbili zesiliva kuze kube manje kodwa okungidumaze kakhulu kube yiqembu lethu likanobhutshuzwayo labangaphansi kweminyaka engama-23.

Bafike e-Tokyo futhi baba ngabokuqala ukukhishwa ngokulahlekelwa kathathu eqenjini labo ngaphambi kokubuyiselwa ekhaya. Kufana nokuthi bebengekho sdalo.

Iqiniso lokuthi ezikaDavid Notoane zithole amagoli amathathu kuphela futhi zangenelwa ayisishiyagalombili kuxoxa indaba engadinge kutolikwa.

Ngidinga ukukhuluma ngalokhu ngoba sihlala sihluleka ukwenza kahle emiqhudelwaneni emikhulu – futhi angikhulumi nje kuphela ngabangaphansi kweminyaka engama-23. Wonke amaqembu ethu ahlala enza kabi.

Selokhu iBafana Bafana yajabulela impumelelo ebabazekayo kwi-Africa Cup of Nations yangowe-1996, bakhuthazelela ukwehla kwemidlalo yabo ezingeni lomhlaba. Yize sinelinye lamaligi acebe kakhulu e-Afrika, amaqembu ethu esizwe abelokhu edumaza.

Ukuphawula okuningi ezinkundleni zokuxhumana okuvela kubathandi bebhola ngemuva kokuphuma kwethu e-Tokyo kushayele abafana ihlombe ngemizamo yabo – ikakhulukazi ngemuva kokuhlulwa kwabo okwesibili bedlala ne-France ngokukhonjiswa kwabo kulowo mdlalo.

Abanye bathi abafana bethu badlale kahle futhi bekungafanele ngabe bahluliwe. Abaningi baze bafika ekutheni bekuyisipiliyoni esihle sokufunda kwabo kule midlalo.

Ngempela? Sihlulwe kuyo yonke imidlalo futhi kwezokuzivikela besingekho kahle futhi besingenaso isakhiwo.

Sekuyisikhathi sokukhuluma iqiniso futhi kumele samukele ukuthi uhlelo lwethu lwentuthuko ludinga ukungenelela okuthile.

Laba badlali abangaphansi kweminyaka engama-23 kufanele ngabe bondla iBafana Bafana. Singabaqasha bonke abaqeqeshi abanesipiliyoni nababizayo abakhona, kodwa imali idinga ukuthi isetshenziswe ngokuhlakanipha kwizikhungo nasekuhloleni. Uma kungenjalo, sizoqhubeka nokulwa emiqhudelwaneni emikhulu iminyaka eminingi ezayo.

Inhlangano yethu eyengamele ibhola, i-Safa kufanele ithwale icala ngokwenzakalayo emaqenjini ethu esizwe.

Umthombo wesithombe: @safa.net

Izihloko zakamuva