ULionel Messi, ongomunye wabadlali abahamba phambili ushiya i-Barcelona

Arthur Greene

Ngemuva kweminyaka engama-21, imidlalo engama-778, amagoli angama-672, izindebe ezingama-34, ama-ballon dors ayisithupha nekhadi elilodwa elibomvu, uLionel Messi uyashiya kwi-FC Barcelona.

Iqembu lase-Spain limemezele kwisitatimende ngoLwesithathu ukuthi lo mdlali odumile angeke ayivuselele inkontileka yakhe ephelayo njengoba kungena ihlobo.

I-Barcelona imemezele lokhu ngemuva kokuba ezinsukwini ezedlule kuke kwanamahlebezi athi uMessi uvume inkontileka entsha yeminyaka emihlani neqembu, kodwa umholo wehlile.

Womabili amaqembu azisola ngokuthi izifiso zomdlali kanye nezifiso zeqembu angeke zifezeke.

Sekuvelile ukuthi isivumelwano abezosisayina besizophoqa ukuthi iqembu le-Barcelona lidayise idlanzana labadlali bayo, kodwa sekucacile ukuthi angeke besakwenza lokho.

Phezu kokuba i-Barcelona noLionel Messi bafinyelele kwisivumelwano ibicacile inhloso yezinhlanga zombili ngokusayina inkontileka entsha namhlanje, kodwa lokhu angeke kusenzeka ngenxa yezinkinga zemali nemithetho ye-Spanish La Liga. 

I-FC Barcelona izwakalise ukubonga ngenhliziyo yabo ephelele babonga lo mdlali ngeqhaza alidlalile ukuthuthukisa iqembu, bamufisele ikusasa elihle kwimpilo yakhe nasemsebenzini wakhe.

Lo mdlali oneminyaka engama-34 uzoshiya leli qembu asezakhele udumo kulo nalapho azakhele khona isithunzi, ayi sokuba umdlali owumpetha kodwa sokuba umdlali ongumpetha izikhathi zonke.

Ngemuva kokuba uMessi aqophe umlando ngokudlula uPele obenamagoli angama-643 kwiqembu le-Brazilian Club Santos kube nguyena umdlali onamagoli amaningi, kodwa edlalela iqembu elilodwa.

Uhamba phambili uMessi kwi-La Liga ngamagoli angama-474, kodwa ohamba phambili kwi-Champions League nguCristiano Ronaldo onamagoli angama-134 ekubeni uMessi unamagoli angama-120.

Lo mdlali usewine izindondo ezingama-34 edlalela leli qembu ,wathola eziyishumi kwi-League titles, wathola eziyisikhombisa  kwi-Seven Copa del reys, wathola eziyisishiyagalombili kwi-Spanish Super Cups, wathola ezintathu kwi-UEFA Super Cubs ne-Club World Cup waphinde wathola ezine kwi-Champions League.

Ukuqagela manje kuzokwanda ukuthi uzoya kuliphi iqembu.

Ngemuva kokuba acele ukushiya i-Barcelona ngonyaka odlule kwakusolakala ukuthi uncike kwi-Manchester lapho ezohlangana nowayengumphathi wakhe uPep Guaediola. Kuleli hlobo kuke kwasolwa ukuthi uxhumaniswa nokuthuthela ohlangothini lokusebenzisa kwi-Free-spending side nakwi-PSG ngaphambi kokuba ziphume indaba zokuthi ubezimisele ukusayina isivumelwano.

Scrolla World Cup Quiz