DataLite

UTyla ethubeni lokuklonyeliswa kasithupha kumaMetro FM Awards

UTyla ugcwele injabulo njengoba eqokwe ezigabeni eziningi kuma-Metro FM Awards kulandela ukuthola kwakhe indondo kuma-Grammy.

UDJ Sbu ushaya ibuya emsakazweni 

UDJ Sbu uzobuyela emsakazweni ngokujoyina i-Radio 2000 ngemuva kokulaxazwa yi-Metro FM phambilini.

UZuma uphume engenamyocu ngesikhathi umshayeli ‘obedakiwe’ ezithela phezu kwemoto yabo

"Okusolisayo lapha ukuthi umshayeli uqonde ngqo emotweni kaZuma. Lokho kuvusa imibuzo eminingi."

UNdunankulu kaZulu ufuna axolise owezempilo eKZN noma amkhokhele uR10 million ngokumhlambalaza 

UNgqongqoshe wezeMpilo usole uNdunankulu weSilo ngokuba umdlwenguli kanye nomuntu ohlukumeza ngokocansi, manje uthi kumele axolise noma amkhokhele u-R10-million.

Idlule nemiphefumulo engu-45 ingozi yebhasi enyantisayo 

Kusinde intombazane eneminyaka eyisishiyagalombili engozini yebhasi.

Zibeke ethubeni lokuwina umakhalekhukhwini weNokia obiza u-R1,099!

Isikhathi somncintiswano sesifikile futhi i-Scrolla.Africa sifuna ukukunika ithuba lokuwina umakhalekhukhwini we-Nokia 02-4G wenani lika-R1,099!

IDA isithembele ezinkonzweni zephasika ukuvusa umkhankaso kaPappas  

Abaholi be-Democratic Alliance (DA) KwaZulu-Natal sebethembe izinkonzo zephasika ukuvuselela umkhankaso wefolosi labo kwesikaNdunankulu obonakale ucwila ngemuva kokuvumbuka kukaMnuz Jacob Zuma kwezombusazwe.

Zifunwa uthuli izigebengu ezigasele zabulala, kwalimala abaningi eLimpopo

Amaphoyisa athungatha ababulali abadubule babulala abane erenki yamatekisi ngoLwesithathu ntambama.

Ubhekwe yisambane umphathi kasoseshini webhola lase-Spain ngokuqabula umdlali wesifanzane 

ULuis Rubiales angachitha iminyaka emibili nesigamu ejele ngokuqabula kwakhe uJenni Hermoso ngempoqo ngemuva kokuwina iNdebe yoMhlaba yase-Spain.

Izinyokanyoka zishise umtapo wolwazi wesibili kwacekeleka phansi impahla

Sekungokwesibili kulo nyaka umtapo wolwazi waseKurhuleni ucekelwa phansi yizigebengu ezintshontsha izintambo zikagesi.

Recent articles