Idlule nemiphefumulo engu-45 ingozi yebhasi enyantisayo 

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Intombazane eneminyaka eyisishiyagalombili iyona kuphela esindile engozini yebhasi ngoLwesine ebelithwele amakholwa eya eMoria emkhulekweni wePhasika ngempelasonto

Ibhasi iphahlazeke ebhulohweni lasha langqongqa kwashona bonke abanye abagibeli abangu 45 ngaphandle kwayo entombazane.

Amakholwa okuthiwa ebesuka e-Gaberone e-Botswana ebehambela inkonzo yePhasika e-Moria, e-Limpopo.

Lesi sigameko senzeke ngemuva kokuthi umshayeli webhasi abebehamba ngalo ehluleke ukulilawula, lawela ebhulohweni lasha langqongqa emgwaqeni ophakathi kwe-Mokopane ne-Marken e-Limpopo ngoLwesine ntambama.

Imibiko engaqinisekiswanga ithi ibhasi, okusolakala ukuthi belisuka e-Botswana, liphonseke ebhulohweni i-Mmamatlakala lavutha amalangabi.

UNgqongqoshe wezokuThutha, uSindisiwe Chikunga, ovakashele lapho okwenzeke khona isigameko, udlulise amazwi enduduzo emindenini ethintekile engozini yebhasi.

Uthe uhulumeni waseNingizimu Afrika uzosiza ekubuyiseleni izidumbu bese uphenya kabanzi ngembangela yengozi.

“Siyaqhubeka nokunxusa ukushayela ngendlela efanele ngaso sonke isikhathi njengoba bebaningi abantu abasemigwaqeni yethu kule mpelasonto yePhasika.”

Esithombeni ngenhla: Ingozi yebhasi edlule nemiphefumulo yabantu abangu-45 e-Limpopo.

 Umthombo: Sithunyelwe 

Izihloko zakamuva