Ubhekwe yisambane umphathi kasoseshini webhola lase-Spain ngokuqabula umdlali wesifanzane 

Unukelwa yijele uLuis Rubiales owayenguMengameli we-Spain Football Association emva kokuthi abashushisi bakuleli zwe bethe bafuna agwetshwe iminyaka emibili nesigamu ngokuqabula ngenkani umdlali webhola wesifazane uJenni Hermoso.

Abashushisi bafuna akhokhe nemali yesinxephezelo sika-€100,000 (R2-million) kuHermoso.

Isicelo esisemthethweni sabashushisi sichazwe emqulwini womphakathi ngoLwesithathu, sichaza amacala ahlukene okuhlukumeza kanye nokuphoqelelwa okuhlobene nemizamo kaRubiales yokukhohlisa uHermoso ukuthi amvikele esidlangalaleni.

Lesi sigameko senzeke ngesikhathi kugujwa ukunqoba iNdebe yoMhlaba yabesifazane (Fifa) yase-Spain.

IJaji elizinze e-Madrid uFrancisco de Jorge uthe kunobufakazi obubambekayo bokuqulisa uRubiales icala.

Ngokusho kukaDe Jorge, uphenyo luveze ukuthi ukuqabulana, okwabonwa yizigidi zabantu kumabonakude kwakungavumelwananga ngakho futhi uRubiales wakwenza lokhu ngokuzuma.

UHermoso uthe kwakungavunyelwananga ngakho futhi wakubiza njengesenzo esilulazayo okwaholela esikhalazweni sakhe esingokomthetho ngoRubiales ngoMandulo odlule.

URubiales usamile ekutheni ukuqabulana kwakukhombisa injabulo. Wesula esikhundleni sakhe ngonyaka odlule kodwa namanje uthi umsulwa.

Umama kaRubiales uzile ukudla ngenhloso yokuthi ufisa uHermoso akhulume iqiniso ngalesi sigameko.

URubiales usaphenywa mayelana nesivumelwano sokuthuthela i-Spanish Super Cup e-Saudi Arabia.

Uke waba se-Dominican Republic kodwa useveze ukuthi unezinhlelo zokubuyela e-Spain maduze.

Luhlanganiswe ngumbhali we-Stuff

Isithombe esingenhla: ULuis Rubiales emanga uJenni Hermoso.

Umthombo wesithombe: Ifayela

Izihloko zakamuva