UTyla ethubeni lokuklonyeliswa kasithupha kumaMetro FM Awards

Lubhalwe nguRorisang Modiba

Imisebenzi kaTyla iyazikhulumela ngempela manje. Emuva kwesonto ekhiphe icwecwe lakhe elisha, lo mculi owine i-Grammy uqokwe ezigabeni eziyisithupha kuma-Metro FM Awards ngengoma yakhe eshisa izikhotha ethi ‘Water’.

Ugaqele izindondo zengoma yonyaka kanye ne-Best Female Artist.

Lo mculi onethalente udale inhlokomo enkulu emhlabeni wonke ngegoma yakhe ethi ‘Water’ engene ohlwini lwezingoma eziyishumi kumashadi amazwe angu-30.

Umcimbi wemiklomelo yokubungaza abaculi abamnyama kuleli izoba seMbombela Stadium ngoSuku lweNkululeko, mhlaka-27 kuMbasa.

Lo mcimbi wesekwa uhulumeni waseMpumalanga kanye neMotsepe Foundation.

Abawinile bathola imiklomelo yemalli engu-R50,000 no-R150,000 wengoma yonyaka.

UKina Nhlengethwa we-Metro FM uthe: “Le yinkundla lapho abaculi asebephumelele nabasafufusa bekhombisa khona amakhono abo, bavuselele inhlansi yogqozu ukubonakalisa abadume ngakho,” kubika i-The Citizen.

“Ngale kobukhazikhazi obuzikhonjiswa amaciko, le miklomelo ibungaza okuhle kakhulu nokuzinikela okungantengantengi kwezobuciko.”

Abaculi abadumile baseNingizimu Afrika abafana noKabza De Small noTyler ICU baphakathi kwabaqokwe emkhakheni eminingi njengoba beqokwe kahlanu umuntu ngamunye.

Esithombeni ngenhla: UTyla.

Umthombo wesithombe: X

Izihloko zakamuva