UZuma uphume engenamyocu ngesikhathi umshayeli ‘obedakiwe’ ezithela phezu kwemoto yabo

Lubhalwe nguSihle Mavuso

Sekuboshwe umshayeli wesilisa (51) obedakiwe engozini eshiye imbuzo ngokushayisa kwakhe imoto ebihamba owayenguMengameli wezwe futhi ongumholi woMkhonto Wesizwe (MK) uJacob Zuma nabaqaphi bakhe ngoLwesine ebusuku.

Lo mlisa amaphoyisa amthwese icala lokushayela budedengu futhi ephuzile ngemuva kwale ngozi eyenzeke ngaseShowe enyakatho neKwaZulu-Natal ngoLwesine ebusuku.

UZuma nonogada bakhe abalimalanga kanti ususwe ngokushesha endaweni yesehlakalo ku-R66 phakathi kwaseShowe noLundi.

Umshayeli ugcinwe esiteshini samaphoyisa eShowe kanti kulindeleke ukuthi avele eNkantolo yeMantshi yaseShowe ngoLwesibili.

Inhloko yezokhetho eqenjini leMK KwaZulu-Natal uMnuz Musa Mkhize uyiqinisekisile le ngozi.

“Okusolisayo lapha ukuthi umshayeli uqonde ngqo emotweni kaZuma, lokho kuvusa imibuzo eminingi,” kusho kanje.

Lesi sigameko senzeke ngemuva kwamahora i-Independent Electoral Commission (IEC) ikhiphe isinqumo ngoLwesine sokuthi uZuma akafaneleki ukuba esikhundleni sephalamende emele iqembu lakhe iMK.

UMosotho Moepya we-IEC utshele isithangami sabezindaba ukuthi iqembu le-MK lazisiwe ngalesi sinqumo kanjalo namanye amaqembu abekuphikisa lokhu.

Esithombeni esingenhla: OwayenguMengameli wezwe uJacob Zuma usinde engozini yemoto 

Umthombo wesithombe: Sihle Mavuso/Scrollla.Africa

Izihloko zakamuva