Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
Amaphoyisa ase-Limpopo alandela umkhondo wezigelekeqe ezidubule zabulala abantu abane, kwamala abayisikhombisa erenki yamathekisi i-Moletlane Crossroads ngoLwesithathu ntambama.
Abazibonele bathe abasolwa abebehamba ngemoto yohlobo lwe-BMW emhlophe ne-Mercedes-Benz emnyama badubule kaningi ematekisini abemile base bebaleka endaweni yesigameko ngemuva kokuhlasela.
Okhulumela amaphoyisa e-SAPS e-Limpopo, uColonel Malesela Ledwaba, uthe abashayeli bamathekisi ababili, umgibeli oyedwa kanye nomshayeli wemoto bashonele endaweni yesigameko kwathi abane baphuthunyiswa esibhedlela ngemuva kokuthola amanxeba okudutshulwa.
“Kamuva kube sekuvela ukuthi ezinye izisulu ezintathu nazo zilimele, okwenza isibalo sabalimele sibe yisikhombisa,” kusho uLedwaba.
Kulesi sigameko kulimale amatekisi amahlanu kanye neveni kanti endaweni yesigameko kutholwe izibhamu eziningi kanye namagobolondo ezinhlamvu.
Uphiko lwamaphoyisa eSAPS olubhekene nodlame lwamathekisi e-Limpopo luphenya amacala amane okubulala nayisikhombisa okuzama ukubulala.
UKhomishana wamaphoyisa esifundazweni uLieutenant-General Thembi Hadebe usigxekile lesi sigameko waphinde wagcizelela ukuthi ithimba labaphenyi kumele lishiye konke phansi lithungathe liphinde libophe labo abenze lesi senzo sodlame esingenangqondo.
“Kunxuswa ongaba nolwazi ngesigameko ukuthi aphumele obala asize amaphoyisa ophenyweni lwawo. Yonke imininingwane esiytholayo izogcinwa iyimfihlo enkulu,” usho kanje.
Esithombeni ngenhla: Indawo yobugebengu.
Umthombo wesithombe: Ifayela
