Izinyokanyoka zishise umtapo wolwazi wesibili kwacekeleka phansi impahla

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Sekhuphinde kwacekelwa phansi omunye umtapo wolwazi eKurhuleni njengoba ngezintatha zangoLwesibili owasePrimrose eGermiston ushiswe abasolakala ngokuba yizigebengu ezintshontsha izintambo zikagesi endaweni.

Okhulumela umasipala uZweli Dlamini uthe yize ingaziwa imbangela yomlilo, kodwa basola ukuthi kungenxa yemizamo yokuntshontshwa kwezintambo zikagesi.

“Umlilo ucekele phansi amakhompyutha, amamonitha, izincwadi kanye nezishintsha-moya (air conditioning). Siphenya ukuthi ungakanani umonakalo ukuze sithole ukuthi kuzothatha isikhathi esingakanani ukulungiswa nokuthi uzophinde uvulwe nini umtapo wolwazi,” usho kanje.

“Inqobo nje uma lesi sikhungo sisavaliwe izakhamuzi kumele zisebenzise imitapo yolwazi engomakhelwane njengeGermiston, iBedfordview kanye ne-Edenvale.”

Lona umtapo wolwazi kamasipala wesibili ukushiswa ngemuva kwezinsolo zemizamo yokuntshontshwa kwezintambo zikagesi kulo nyaka.

NgoMasingana umtapo wolwazi oneminyaka engu-93 ubudala oseBrakpan owake wacekelwa phansi , wacekelwa phansi umlilo kwasala izindonga kuphela njengamanje usuhlala abantu abangenamakhaya.

Isakhamuzi saseKurhuleni esikhathazekile uDave Hendricks uthe ukwebiwa kwezintambo zikagesi sekuyinkinga enkulu kuleli dolobha.

“Ngijwayele ukuboleka izincwadi kumtapho wolwazi ngiphinde ngiyele ukuxhuma kwi-wi-fi yabo ukuze ngenza ucwaningo nemisebenzi yesikole,” usho kanje.

“Lesi sikhungo sinikeze mina nabanye abangabafundi abafunda ezindaweni ezikude indawo yokusebenza enokuthula. Ngeshwa sesizophoqeleka ukuthi sisebenzise imali ukuze sifinyelele kweminye imitapo yolwazi.”

Esinye isakhamuzi sakule ndawo, uMnuz Nthabi Seabi unxuse amaphoyisa ukuthi abophe abasolwa ngokuntshontsha izintambo okudale umlilo ukuze bathumele umyalezo oshubile nakwabanye.

“Lona umphakathi wethu. Uma sivumela abenzi bobubi benze umathanda ngokucekela phansi ingqalasizinda sizovuka zingasekho izinsiza,” kusho yena.

“Izingane zethu zidinga usizo lo mtapo wolwazi kodwa manje ziphoqeleka ukuthi ziye kwezinye izindawo ngenxa yezigebengu ezintshontsha izintambo zagesi.”

Izakhamuzi zihlawumbisela ukuthi kungenzeka ukuthi umlilo uqalwe izimfundamakhwela ezizame ukuntshontsha izintambo zikagesi kodwa ungacishile, esikhundleni sokulinda kucishwe ugesi.

Isithombe esingenhla: umtapo wolwazi iPrimrose ecekelwe phansi umlilo.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva