IDA isithembele ezinkonzweni zephasika ukuvusa umkhankaso kaPappas  

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Abaholi be-Democratic Alliance (DA) KwaZulu-Natal sebethembe izinkonzo zephasika ukuvuselela umkhankaso wefolosi labo kwesikaNdunankulu obonakale ucwila ngemuva kokuvumbuka kukaMnuz Jacob Zuma kwezombusazwe.

Leli qembu limemezele ngoLwesine ukuthi abaholi balo baphume inqina bekhuleka emabandleni ahlukene abazobe behambele kuwo izinkonzo zephasika zamazwi ayisikhombisa.

“Abaholi bethu bazobe besabalele nazo zonke izingxenye zezifundazwe beyokhuleka nabazalwane emabandleni ahlukene ezinkonzweni zephasika,” kusho isitatimende esikhishwe uphiko lwezokuxhumana ku-DA.

UPappas kuthiwa selokhu uZuma evumbuke noMkhonto weSizwe umkhankaso wakhe uvele wacwila kwaphela nogazi abenalo njengoba ebengaconsi phansi kubantu abesebembona njengethemba labo noNdunankulu olandelayo waKwaZulu-Natal.

Kodwa-ke, yena akayiboni indaba yokucwila komkhankaso wakhe ngenxa kaZuma ngoba uke watshela i-Scrolla.Africa eMgungundlovu ngesikhathi kuvulwa isiShayamthetho ukuthi yena akasoze aminciswa ikhehla.

“Ayikho leyonto yokuthi mina ngidlela ogageni ngenxa kaZuma. UZuma usegugile ngakho angithwaliswa mina kanzima amakhehla,” kusho uPappas.

UMnuz Chris Pappas uzobe ese-Chatsworth ebandleni i-Cornerstone Ministries International.

Umholi we-DA KwaZulu-Natal uMnuz Francois Rodgers uzobe ekhonza ebandleni laseMgungundlovu i-NCF. 

Iphini lakhe okunguMnuz Sthembiso Ngema yena uzobe edumisa enkonzweni yamazwi ayizikhombisa e-Cannon Ministries eMlazi.

USihlalo wesifundazwe uMnuz Dean Macpherson yena uzobe edumisa nabazalwane base-Jireh Assembly Ministries, ePhoenix.

UMnuz Maliyakhe Shelembe oyilungu lesigungu esiphezulu se-DA KwaZulu-Natal uzobe esebandleni i-Holy Ghost Apostolic, esifundeni iKing Cetshwayo nalapho azobe ehuba khona namakholwa ngaphansi kwenduna uMkhize yaseMakhobosa.

Izihloko zakamuva