UDJ Sbu ushaya ibuya emsakazweni 

Lubhalwe nguRorisang Modiba

UDJ Sbu ungumethuli wohlelo i-The Hustlers Corner podcast. Uphinde abe ngumculi we-disc jockey owaziwayo, umethuli wezinhlelo zakumabonakude, umsakazi, umdidiyeli womculo kanye nosomabhizinisi ophumelele.

Ngemuva kokuxoshwa yiMetro FM, wagxila ekuthuthukiseni umculo wakhe, amabhizinisi, kanye ne-podcast yakhe.

USbu – ogama lakhe langempela uSbusiso Leope (46) – udalule ubudlelwano bakhe obusha ne-Radio 2000 ngoLwesine.

Ufake izithombe zakhe esayina inkontileka, wabonga kakhulu amandla kaNkulunkulu ngokubuyela emsakazweni.

“Livukile Idlozi. Thokozani Bantu Abadala.  Inkazimulo mayibe kuNkulunkulu. Ngiyisayinile namuhla inkontileka!” ebhala.

“Ngiyabonga kubo bonke abebengiseka eminyakeni edlule. Sengibuyile emsakazweni wasekuseni njengenjwayelo.  Besenginikhumbule kakhulu.”

 “Ma 2k ngiyazi senikhulile, ngisizwile iSkhalo senu. Kubonakala sengathi ingxoxo mayelana ne-friends like these isizofinyelela ezindlebeni ezifanele njengoba sengibuyile.”

Uzosakaza ku-Radio 2000 kusukela ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu kusukela ngehora lesithupha ekuseni kuya kwelesishiyagalolunye ekuseni, ethula uhlelo lwasekuseni olungenagama.

 “Sifuna abalaleli baqambe bona igama lohlelo ngesonto elizayo,” esho.

Osebenzisa inkundla yezokuxhumana usende isiqeshana esithi: “@glenzito siyabonga ngokusivulela indlela, iminyango nokuba yisibonelo esihle kithina iminyaka engamashumi amabili. Siyabonga kakhulu.  Siyakuthanda. Siyakuhlonipha. Siyohlale sikubungaza njalo.”

Omunye uthe: “Lo msebenzi angeke ubelula.  Kodwa ngomusa kaNkulunkulu nangesibusiso sakho ngiyazi ukuthi nizosebenzisana kahle nethimba lakho likwenze uziqhenye ngalo.”

Esithombeni ngenhla: UDJ Sbu.

Umthombo wesithombe: X

Izihloko zakamuva