Scrolla exclusive
Ukubuya kukaMkhize kungase kusindise i-ANC eKZN
Lowo owayenguNgqongqoshe wezempilo kungenzeka kube nguye kuphela umuntu osesikhundleni esiphezulu eqenjini odume ngokwanele ukuthi angaketula iqembu likaJacob Zuma i-MK, kubhala uZukile Majova.
Ifagugu likaMandela lizofakwa endalini
UMakaziwe oyindodakazi endala kaNelson Mandela uhlela ukudayisa izinto ezingu-70 zikalowo owayenguMengameli wakuleli ongasekho okuhlanganisa nomazisi wakhe.
UZuma utshele amakhosi ukuthi uKhongolose abadayisi abadala
OwayenguMengameli wezwe uMnu Jacob Zuma usetshele amakhosi ukuthi kumele asukume kukhishwe uKhongolose emandleni ngoba akawafuni futhi uwalahle okwenyongo yenyathi.
UCele usabisa ngokuveza amahlazo kaZuma
UNgqongqoshe wamaPhoyisa owake waba uSihlalo kaKhongolose eThekwini uMnuz Bheki Cele usesabise owayenguMengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma ngokuthi uma ekewazama ukuhlambalaza i-ANC uzoveza amahlazo akhe asekudingisweni.
Kudunwe isidumbu sengane emotweni yezidumbu
Umshayeli wemoto yezidumbu ebithwele isidumbu sengane eneminyaka emihlanu ubudala siya e-Zimbabwe ukhonjwe ngesibhamu waphoqwa ukuba asehlise asifake kwenye imoto.
Kutholwe isidumbu sosana sishisiwe kwimfucuza
Umsebenzi ohlanza indawo uchaze lokhu njengento enonya kakhulu ukuthi ingenzeka emhlabeni
Umsolwa obefunwa uthuli uzinikele emaphoyiseni
Ukufakwa kwesithombe sesigebengu ezinkundleni zokuxhumana kusolwa ukuba ikona okuholele ekutheni sizinikele emaphoyiseni.
Ucansi luyisipho esivela kuNkulunkulu: UPapa uFrancis
UPapa uFrancis uthi ukuzijabulisa ngokocansi "kuyisipho esivela kuNkulunkulu" wase exwayisa ngezithombe namavidiyo ocansi.
Bachonywe uphaphe lwegwalagwala Oklebe abenza kahle
OKlebe babungaze abaphenyi babo abahamba phambili kuma-National Prestige Awards.
Kwebiwe imigexo yeSilo uCetshwayo eSandlwane
Kwebiwe imifanekiso yemigexo yeSilo uCetshwayo kaMpande ebekwe entabeni yaseSandlwane eNquthu nokuyilapho amabutho akhe anqoba khona amaNgisi ngoMasingana wango-1879.