Bachonywe uphaphe lwegwalagwala Oklebe abenza kahle

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

OKlebe basingathe umcimbi wokuklomelisa abaphenyi babo abangalali endleleni e-Batter Boys Guest House ePitoli ngoLwesihlanu ekuseni.

Kule miklomelo kuhlonishwe abaphenyi boKlebe abahamba phambili ekulweni nobugebengu emphakathini ngamakhono abo okuphenya.

IPhini leNhloko yoKlebe kuzwelonke uLieutenant-General Siphesihle Nkosi wethule inkulumo yosuku lapho eqhakambise khona impumelelo eningi yalolu phiko ekuvundululeni inkohlakalo ebucayi, ubugebengu bezohwebo kanye nobugebengu obuhleliwe.

“Abanqobile ngamaqhawe. Ukuzinikela kwabo kwenza okuhle emphakathini wethu,” esho ngesikhathi ebonga imindeni yabaphenyi eyeseke amaphoyisa ngomsebenzi wawo oncomekayo ovame ukwenziwa ngezikhathi zokusebenza ezingajwayelekile.

“Kubo bonke abaphumelele, nikhombise uthando ngomsebenzi wenu. Ontanga nozakwenu bazogqugquzeleka ngomsebenzi omuhle eniwenzile,” kusho uNkosi.

Izikhulu zezinhlaka zomthetho zamazwe ngamazwe okuhlanganisa i-FBI nalabo abavela e-United Kingdom, e-Canada nase-France nabo bebewuhambele lo mcimbi.

Ngesikhathi ekhulumela izicukuthwane zakwamanye amazwe, uJohn Connell we-FBI uthe bazizwa behlonipheke kakhulu ngendlela ukubambisana kwabo noKlebe okwenza uphenyo lwabo kuleli lube impumelelo.

Emkhakheni wophenyo olubucayi lwenkohlakalo, indondo inikwe uKaputeni Rudzani Ephrain Makanamise kanti uWarrant Officer GJ Fick kanye noSayitsheni A Bizani baphume isibili.

UConstable NE Nzimande wase-Eastern Cape udle umhlanganiso emkhakheni wobugebengu obubucayi bezentengiselwano. Uphenye amacala okukhwabanisa nawokushushumbisa imali waphinde wathola u-R774,160 owawuntshontshiwe.

UWarrant Officer SM Ntshangase waKwaZulu-Natal uhlomule ngendondo yokuba umphenyi ohamba phambili wobugebengu obuhleliwe ngokuphenya kwakhe amacala okubulala amaphoyisa esifundazweni.

Umklomelo omkhulu kazwelonke unikezwe uLieutenant Colonel Coetzer owalahlekelwa isitho somzimba ngesikhathi bedubulana nezigebengu eMakhado lapho oKlebe abadubula babulala khona izigebengu ezingu-19 mhla zizinye kuMandulo nyakenye.

Leli phoyisa linikezwe iholide lezinsuku ezine e-Mauritius nomndeni walo.

Abasesithombeni esingenhla: Abanye babaphumelele emcimbini wokuklomelisa oKlebe ngezindondo obubanjelwe e-Batter Boys Guest House ePitoli ngoLwesihlanu.

Umthombo wesithombe: Everson Luhanga

Izihloko zakamuva